Now Reading
Nangale kukaMugabe kusasinda kwehlela kwelikaMzilikazi
Dark Light

Nangale kukaMugabe kusasinda kwehlela kwelikaMzilikazi

Ngesikhathi engena esikhundleni emveni kokuqunjwa kombuso kaMengameli uRobert Mugabe baningi ababecabanga ukuthi u-Emmerson Mnangagwa uzofika nokwehlukile. Kwabanye kwakukhona ukukhuluma okuthi uMnangagwa ubevele ekuHulumeni kaMugabe ngakho kungenzeka aqhubeke lapho kugcinwe khona. Amaqembu aphikisayo, izinhlangano zomphakathi nabakhimkhanya bathi izinto zisahamba ngendlela okwakuvele kuyiyo eqenjini elibusayo iZimbabwe African National Union-Patriotic Front.

 Abantu baseZimbabwe bagcwele emazweni angomakhelwane ikakhulukazi eNingizimu Afrika befuna impilo engcono.  Indlala, ububha, ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, ukunqindwa kwamandla kwabezindaba ngezinye zezinto ezingakaguquki kwelikaMzilikazi. Njengoba ngonyaka ozayo kuzobanjwa ukhetho lukaHulumeni kazwelonke, uMnangagwa wenza konke okusemandleni ukucindezela amaqembu aphikisayo nezinhlangano zomphakathi ezingahambisani naye. 

Abantu bashaywa zinsuku zaphuma amaphoyisa kahulumeni, kukhona nemithetho ebekelwe abantu ngezikhathi zokuhamba ngenxa yokhuvethe okubonakala sekungathi sekuwubacindezela. Iqembu eliphikisayo elingapheli amandla iMovement for Democratic Change (MDC) Alliance eholwa uNelson Chamisa. 

I-International Monetary Fund ithi uHulumeni waseZimbabwe akukho akwenzayo ukwenza izinguquko ezizolungisa isimo esikhona sokufadalala komnotho. UChamisa uthi uHulumeni wenza kube nzima emaqenjini aphikisayo ukusebenza eZimbabwe. NgoMfumfu wezi-2021 inhlabaluhide yezimoto zikaChamisa yahlaselwa amaphoyisa kwathi yena wathelwa ngesisi esikhalisa unyembezi esifundazweni sasemakhaya iMasvingo. Nakuba amaqembu aphikisayo engavunyelwe ukubamba imihlangano kubekwa izizathu zokhuvethe, ngakolunye uhlangothi iZANU-PF yilona kuphela iqembu elikwazi ukubamba imihlangano.

Ukusondela kokhetho

Njengoba ukhetho selunyathela amasimba abantwana, uMnangagwa kuthiwa usesungule isithangami esihlanganisa labo ababengenele ukhetho ngowezi-2018 befuna esokuba umengameli. Lesi sithangami sibizwa ngePolitical Actors Dialogue, yilapho kudingidwa khona izindaba zezwe ezingeni likazwelonke. UChamisa nguyena umholi ophumele obala wasichitha lesi sithangami, wathi asikho nsincane isidingo saso ngoba labantu athi ubonisana nabo abazwani ngokwezepolitiki. 

USigele uDouglas Mwonzora uthi kukhona olunye uhlangothi lweMDC olubonakala luzimisele ukuhambisana noMnangagwa nokubamba izingxoxo nohulumeni. UMwonzora ukholwa ukuthi sisekhona isikhathi sokwenza izinguquko ezinqala kwezomnotho nakudemokhrasi okuhlanganisa nezinguquko kwezokhetho ngaphambi kokuba kufike owezi-2023. Izinhlelo zikaMnangagwa zokuxoxisana namaqembu ezepolitiki, ngaphandle kwelikaChamisa kufika ngesikhathi uMnangagwa ebhekene nesikhathi esinzima ngaphakathi eqenjini. Umbango wobuholi uyavutha bhe ngoba nesekela lakhe uConstatino Chiwenga esibhekile isikhundla. NjengeNhloko Yombutho Wezempi uChiwenga wakwazi ukuvimba ukuchitheka kwegazi ngesikhathi kukhishwa esikhundleni uMugabe. 

Ngasekupheleni kowezi-2021 amaqabane eZANU-PF azame ukuzwa amanzi ngobhoko ebheka ukuthi angakwazi yini ukugudluza uMnangagwa esikhundleni ngaphambi kokhetho lwangonyaka ozayo. Labo abangahambisani naye bamsola ngokusondelana nosomabhizinisi uKudakwashe Tagwirei okuthiwa uhlomula kulona lonke uhlobo lwebhizinisi kuHulumeni futhi okunye abakuvezayo ngaye ukuthi izwe lize linswinywe yi-USA nje yingenxa yakhe. Uhlaka olulwa nenkohlakalo oluzinze eMelika olwaziwa ngeThe Sentry lukhiphe umbiko obucayi oveza ukuxhumana phakathi kukaTagwirei nohulumeni waseZimbabwe ngowezi-2021.

Kuwumqansa ukuthola usizo

Ngenxa yomlando leli lizwe elinawo ngezikweletu nangokwehluleka ukukhokha ngesikhathi, alikwazi ukuthola usizo ezikhungweni zomhlaba ezitshelekisa ngemali njengamanye amazwe ukuze libhekane nobhubhane lokhuvethe. I-International Monetary Fund ishaya phansi ngonyawo ithi uhulumeni walapha kumele uqale ukhokhe imali oyikweletayo eyinzalo ukuze ukhombise ukuthi uzimisele ngokuqhubeka ngokusebenzisana nayo. Ngisho nezimboni zemikhiqizo yangaphakathi eZimbabwe zizama konke ukuvala igebe elidalwe ukhuvethe emnothweni. 

Umfelandawonye wezimboni owaziwa ngeConfederation of Zimbabwe Industries uxwayisa ngokuthi uma usizo oluqhamuka emazweni omhlaba nasezikhungweni ezitshelekisa ngemali lungatholakali, maningi amabhizinisi angazithola engasasebenzi. Kuqale phansi kusinda kwehlela futhi kuleli lizwe. Ngonyaka wezi-2021 ukudayisa kukagwayi kudlule ezigidini ezingama-210.9kg, kwathi umkhiqizo kakotini wakhula ngama-100%. 

See Also

Abalimi abasafufusa nasebezinzile bakwazile ukukhiqiza ukudla okwanele ukubhekana nesizwe. Umbila okuyiwona osetshenziswa kakhulu uyantuleka. IWorld Food Programme ikhiphe isexwayiso ngasekupheleni konyaka odlule ukuthi kunabantu balapha abalinganiselwa ezi-5 million abazobhekana nenkinga yokushodelwa ukudla kuze kube ngunyaka wezi-2022. Likhona kancane ithemba kokunye njengoba iRwanda ithembise ukuthi izothenga ushukela eZimbabwe kunokuba iwuthenge e-Argentina lapho sekuphele iminyaka bewuthenga khona. Ukushushumbiswa kwegolide nezinye izimbiwa ezingamagugu kulokhu kuqhubeke njalo nokucindezela izimayini. 

Ukukhiqizwa kwegolide kwehlile kusuka kuma-30% unyaka nonyaka kwafinyelela emathanini ayizi-3.98 ngekota yokuqala yowezi-2021.

Impi yababili

Ubuhlobo phakathi kukaMnangagwa noChiwenga oyisekela lakhe bushubile. UChiwenga owayeyinhloko yombutho wezempi useqalile ukuziphendlela indlela yokuthatha lesi sikhundla. Ubonakala eqinisa ukwesekwa kwakhe ngamalungu aqavile eZANU-PF njengoba elungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezobanjwa ngowezi-2024 emuva konyaka kubanjw ukhetho lukamengameli. Umkhankaso kaChiwenga ushayekile ngesikhathi izethenjwa zakhe ezinkulu ezazingongqongqoshe uSibusiso Moyo noPerrance Shiri zibulawa ukhuvethe. 

UMnangagwa uphide wasebenzisa ubuningi beZANU-PF ephalamende eguqula uMthethosisekelo ethena amandla esekela likamengameli. Uphinde wenza okungalindelekile ngesikhathi  elula isikhathi seNhloko YaBehluleli uLuke Malaba, okwase kumele aphume esikhundleni ngenxa yeminyaka. Ukwena lokhu nje yingoba uChiwenga ufuna ukufaka umuntu wakhe kulesi sikhundla uGeorge Chiwese.

Scroll To Top