Iminyango izihlela ngesimwe ukubhekana necoronavirus
Iminyango kaHulumeni waseNingizimu Afrika eyahlukene ithi isikulungele ukulwa nokubhebhetheka kweCoronavirus.Lokhu kulandela isimemezelo sikaMengameli uRamaphosa ngeSonto ebusuku lapho edalule izinyathelo ezizothathwa elakuleli ukugwema ukubhebhetheka nokungena kwalesi sifo kuleli.ONgqongqoshe beMinyango eyahlekene namuhla bethule izinhlelo zeminyango yabo esithangamini sabezindaba ePitoli. OWezempilo, uDkt Zweli Mkhize, uthe sikhula ngesivinini esikhulu isibalo sabantu asebenalesi sifo kuleli.
“Esikhathini esiyizinsuku ezili-10 sisuke koyedwa saya kwabangama-51. Sonke kumele sime ngomumo ukulwa ngakho-ke zonke izakhamuzi zakuleli sezingamasosha,” kusho uDkt Mkhize.UNgqongqoshe Wezezimali, uMnu uTito Mboweni, uthe uHulumeni uzobeka eceleni ngokushesha imali athe ngeke ayidalule ngoba kungenzeka ikhule ngaphansi kwesikhwama sezinhlekelele, iNational Disaster Fund. Uthe kuzoncishiswa imali eyabelwe ezinye izinhlelo zeminyango ukuze ifakwe emkhankasweni wokulwa nalesi sifo. Ngakwezemfundo ephakeme uNgqongqoshe uDkt uBlade Nzimande, uthe sebevumelene ngokuthi kube nomhlangano kusasa nabezikhungo zemfundo ephakeme nokuthi ukuhlangana kwabantu ezikhungweni kumele kuncishiswe. “Sigqugquzela zonke izikhungo ukuba zikumise ukufunda lapho kuzohlangana khona abafundi kodwa asikho ezinhlelweni zokuvala izikhungo. Kusasa sizoxoxisana ngalokho ukubona ukuthi ngabe isimo siyaphoqa yini ukuthi zivalwe,” kusho uNzimande.
Uqhube wathi uMnyango wakhe ususungule ithimba elakhiwe ngamaSekela amaShansela nongcweti bezempilo ukubhekana nalesi sifo.UNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo, uNkk u-Angie Motshekga, uthe emuva kwesimemezelo sikaRamaphosa babe nengxoxo ngocingo nabaphathiswa bezemfundo ezifundazweni kanti nabafundi belulekiwe ukuthi balisebenzise leli khefu njengoba izikole zizovalwa ngoLwesithathu zize zivulwe emuva kwePhasika. Uthe abafundi kufanele banikwe umsebenzi wesikole bayowenza emakhaya.
UDkt uNkosazana Dlamini Zuma, Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu, uthe sebeqalile ukwenza imithetho ezolawula isimo sale nhlekelele okuzolandelwa ukuthi baxhumane nomasipala, abaholi bomdabu, iminyango engaphansi kwakhe ezifundazweni neSouth African Local Government Association (Salga) mayelana nendlela okuzosingathwa ngayo lolu daba. Uthe njengoba kwabanye omasipala bekuzoba nokhetho lokuchibiyela kuleli sonto nangenyanga ezayo, uMnyango uzoxhumana neKhomishini Eyengamele Ukhetho kuleli ukucaba indlela eyaphambili kwazise ngesikhathi sokhetho kuningi ukuhlangana nokuthintana kwabantu. Uqhube wathi kuzoxhunyanwa nezinkantolo ngenhloso yokwelula umnqamulajuqu wezinsuku ezingama-90 obekwayo ukuze kubanjwe ukhetho lokuchibiyela.
“Sizoxoxisana namakhansela ngoba imiphakathi iba nemibuthano yayo ehlanganisa abantu abangaphezulu kwesibalo esili-100. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi wonke amahhovisi omasipala aba nazo izinsiza njengezokugeza izandla ukugwema ukuthathelana ngalesi sifo,” usho kanje.UNgqongqoshe Wezokuthutha, uMnu uFikile Mbalula, uthe konke kumi ngohlelo ezikhumulweni zezindiza. Izisebenzi ezinokuthintana nabantu ezikhumulweni zizophoqeleka ukuba zisebenzise izimfonyo namagilavu. Uthe emarenki abantu bazohlolwa kanti amatekisi kulindeleke ukuthi abanemithi yokugeza izandla. OWezabasebenzi, uMnu uThalasizwe Nxesi, uthe lapho kuphoqa ukuthi izisebenzi zibekwe endaweni yazo zodwa kunezinhlobo zekhefu ezizosetshenziswa.
“Sifisa ukukhumbuza abaqashi ukuthi banomthwalo osemthethweni wokunakekela izisebenzi zabo, ukuthatha izinyathelo ezinqala ukuzivikela kodwa lokhu ngeke sikwenze singakaxhumani nabo,” kubeka uNxesi.UMnu uRonald Lamola Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo, uthe basezingxoxweni nezobulungiswa nabezomthetho ukuqinisekisa ukuthi izinkantolo zisakwazi ukusebenza futhi neziboshwa ziyakwazi ukuya ezinkantolo. Uthe wonke amajele azoba nemithi yokugeza izandla okuyinto athe isiqalile ukwenzeka. “Siyakholwa ukuthi okwamanje yonke imizamo yokungenelela kulandelwa iseluleko soMnyango Wezempilo yenziwe ngaphansi kwesimo sezinhlekelele. Isimo esibucayi kungaba yisinyathelo sokugcina,” kusho uMhlonishwa uLamola.
UNgqongqoshe Wezokuphepha, uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe bacubungula ukumisa eminye yemicimbi yabo emikhulu obekuhlelwe ukuthi ibanjwe. Uthe sebekumisile ukuhambela kwamanye amazwe kwamalungu oMbutho Wezokuvikela.UDkt Aaron Motsoaledi onguNgqongqoshe Wezasekhaya, uthe amazwe afana ne-Italy, iSpain neGermany sekuzophoqeleka ukuthi abhalisele izimvume zokuhambela kuleli. Phambilini la mazwe abengaphoqelekile ukuthi abe nalezi zimvumo.Amazwe izimvumo zawo esezimisiwe i-Iran neChina. Khonamanjalo, uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal usuqinisekise ukuthi umfundi wakwa-grade R eRichards Bay Primary School sekutholakale ukuthi unalesi sifo okwenza isibalo sabantu esesibangenile eNingizimu Afrika senyukele kuma-62.
Uthe unina usebenzela elinye lamabhange lapho esebenza ngabantu abashintsha imali yakwamanye amazwe.Lo mfundi utholwe emveni kokuba abafundi abali-17 abasekilasini elilodwa naye bekhombise okusasimpawu zeCoronavirus.UMphathiswa Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uKwazi Mshengu, uthe unina womfundi naye okutholwe ukuthi utheleleke ngalesi sifo kungenzeka ukuthi nguye osedlulisele kundodakazi wakhe.Uthe emuva kokuthola lo mbiko bayalele ukuthi isikole sivalwe.