Now Reading
U-Israeli awuwugqizi qakala umyalelo we-ICJ eRafah: Pandor
Dark Light

U-Israeli awuwugqizi qakala umyalelo we-ICJ eRafah: Pandor

UNgqongqoshe Wezobudlelwane Bamazwe Nokubambisana uDkt uNaledi Pandor uthe ziyabathusa izigigaba zaseRafah. Ekhuluma eceleni komhlangano we-African Union Executive Council e-Addis Ababa, e-Ethiopia, uPandor uthe u-Israeli awuyilandeli imiyalelo ye-International Court of Justice (ICJ).

U-Israeli ufunge wagomela ukuthi uzoqhubeka nokuhlasela idolobha iRafah. Kunokukhathazeka okukhulayo kwamazwe ngamazwe mayelana nosizi lwezakhamuzi, futhi izinqola zempi zakwa-Israeli zihlasele idolobha ubusuku bonke. Njengoba ukungqubuzana kwa-Israeli neHamas manje sekungena enyangeni yesi-5, ukunaka kugxile esimweni esibi saseRafah.

Bangaphezu kwezigidi ezimbili abantu abahlala lapho ezimweni ezinzima. U-Israeli ufunge wagomela ukuthi uzoyiqeda nya iHamas edolobheni eliseningizimu eduze ne-Egypt.

“Izindawo esesisuse abantu kuzo, enyakatho yeRafah, ziyizindawo eziningi, kodwa senza uhlelo olunemininingwane yokwenza lokho futhi yilokho esikwenzile kuze kube manje.. Lokhu kuyingxenye yemizamo yethu yempi yokukhipha izakhamuzi engozini. Kuyingxenye yomzamo weHamas wokubagcina besengozini. Kodwa kuze kube manje sesiphumelele, futhi sizophinde siphumelele. Labo abathi akufanele nanini singene eRafah bathi, asivume ukuhlulwa yimpi futhi sigcine iHamas lapho, ” kusho uBenjamin Netanyahu, uNdunankulu wakwa-Israel.

UNgqongqoshe uNaledi Pandor uthe okwenzeka eRafah kuyaphazamisa kakhulu. INingizimu Afrika iphinde yacela iNkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe ukuthi ingenelele, ixwayisa ngokuthi isinyathelo sika-Israeli sizoholela ekubulaleni, ekulimaleni nasekucekeleni phansi okukhulu.

UHulumeni wakuleli uthe lokhu kuzoba ukwephulwa kwemithetho eqinile nengenakulungiseka, kokubili kwengqungquthela yokuqothulwa kohlanga kanye nomyalelo wenkantolo womhlaba. I-ANC isingathe inhlangano iFatah, engomunye wabadlali ababalulekile kwezepolitiki yasePalestine.

See Also

UMnyango wase-USA uthe ngaphandle kohlelo oluthembekile u-Israeli angalusebenzisa, IWashington ngeke isekele ukusebenza kwezempi okuphelele eRafah.

“Asisekeli noma yimuphi umkhankaso wamasosha eRafah ukuya phambili, inqobo nje uma bengakwazi ukulandisa abantu abayisigidi, ngezilinganiso ezithile eziseRafah namuhla. Abanye babo asebebalekile, abanye sebebaleke izikhathi eziningi. Sicabanga ukuthi kudingeka kube nohlelo olunokwethenjelwa abangalenza ngempela ngaphambi kokuba benze noma yimuphi umkhankaso wezempi eRafah,” kusho uMatthew Miller, uMkhulumeli woMnyango wase-United States of America.

Scroll To Top