Ngabe ilaka lomphakathi ngabokufika seliyazwela kuhulumeni
Muva nje amaqembu ezepolitiki aseshintshe ukukhuluma ngabokufika kulandela ingcindezi kubantu bakuleli ngemibhikisho nasezinkundleni zokuxhumana
Emuva kwemashi yangeledlule enkabeni yeTheku ebihambisana nokungahlonizi kwabantu bakuleli ngokuzwakalisa ilaka labo ezinkundleni zokuxhumana ngokugcwala kwabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni, ngempelasonto kubonakale lugoba uphondo kuhulumeni kulandela imikhankaso yezivimbamgwaqo kumaloli lapho kushaqwe khona abashayeli bokufika okuvele ukuthi bakuleli ngokungemthetho.
Ukuqala kwalo mkhankaso kubuye kwaqiniswa ukuphawula kukaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende ngeledlule. “Sithumela umyalezo ezinkampanini eziqasha abokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli ngokuthi baphula umthetho, ngakho bazobhekana nokusebenza komthetho ngesenzo sabo uma bengaphezi”. Ukuphawula kukaRamaphosa kuhunyushwe njengokuvumelana nabantu abakhala ngokuthi baningi abantu abakuleli ngokungemthetho abaqashwe ezinkampanini.
Ngempelasonto kushaqwe abashayeli bamaloli abayi-6 kusivimbamgwaqo ePinetown eThekwini okuvele ukuthi abanawo amaphepha okusebenza kuleli.
Ngaphezu kwalokhu amaloli abebewashayela kuthe uma ehlolwa kwavela ukuthi awekho esimweni sokuba semgwaqeni. Lo mkhankaso ubulandela omunye owenzeke ezindaweni ezakhele iTheku kulandela ukhukhulelangoqo wombhikisho wabahlali baseThekwini abebeqhamuka emaqenjini ahlukene ezepolitiki. Muva nje amaqembu ezepolitiki abonakala elubeka phambili udaba lwabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni lapho ekhuluma nabalandeli.
Yize uRamaphosa ekugxekile okwenziwa iqembu iDudula ngokuxosha abokufika ezikhungweni zezempilo nakwezinye izikhungo zikahulumeni ezidlulisa izidingo kubantu, uthe okubalulekile ukuthi abantu kubhekwe ukuthi babhaliswe ngokusethethweni yini kungabi khona abazithathela umthetho ngezandla.
Emuva kwenkulumo kaRamaphosa ube mkhulu umsindo ngokuthi usebonile ukuthi abantu abayizwa eyabantu bokufika yingakho esephawula kanje njengemizamo yokunxenxela iqembu lakhe ivoti. Emaqenjini ezepolitiki osekunesikhathi eside engahlonizi ukuthi abokufika abakuleli ngokumthetho kumele babuyiselwe emazweni abo kukhona i-Action SA kaMnu uHerman Mashaba. Ngesikhathi iPatriotic Alliance isakhankasela ukhetho lukazwelonke ngonyaka owedlule, umholi wayo uMnu uGayton McKenzie nethimba labaholi babephambili behambela zonke izindawo eziyizintuba okungenisa kuzo abokufika.
URamaphosa uthe uhulumeni wenza konke ukuqinisa ezokuphepha emingceleni ukuqinisekisa kuyabhekwana nodaba lwabangena kuleli bangenazo izimvume. “IBorder Management Authority (BMA) isitshale onogada abangama-600 ezindaweni eziyizintuba zabangaphandle”.

