Now Reading
Uluma uyaphephetha uMathale ngoMchunu
Dark Light

Uluma uyaphephetha uMathale ngoMchunu

NjengeSekela likaNgqongqoshe Wamaphoyisa lukhulu olulindelwe kuMnu uCassel Mathale ebufakazini bakhe ngaphambi kweKomidi Lephalamende eliphenya ngezinsolo ezenziwa uKhomishana Wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ngesiphoyisa nokulala ngubonye nemigulukudu.

Osukwini lokuqala uMathale owake waba nguNdunankulu waseLimpopo ebufakazini bakhe akakufihlanga ukuthi washaqeka ngencwadi eyabhalwa uNgqongqoshe uSenzo Mchunu ngokuvalwa kwethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki.

“Ngathola ngokuvalwa kwaleli thimba ezinkundleni zokuxhumana futhi ngashaqeka kakhulu ngencwadi eyabe ibhaliwe ngalokho nomyalezo ewabe iwuqukethe,” kuchaza uMathale Eqhuba uthe uNgqongqoshe wathi abehlise amaphaphu incwadi ibhalwe nguye uqobo. 

Uthe akavumelani nokuthi leli thimba labe seliphelelwe ushatini kungasekho okusha eliqhamuka nakho. “Khumbula ukuthi leli thimba alizange lizisungule lona kepha lasungulwa, uma usulivala usuthini ngalaba abasebenza ngaphansi kwalo kumele ubacabange nabo,” Khona lapho ubuye waveza ukuthi basebenzisana kahle noMchunu futhi banokuxhumana okuhle ngaphandle nje kwalokhu osekwenze namuhla bazithola bekuleli komidi naphezu kwakho konke basasebenzisana. . “Sasebenza naye ngaphambilini sisengoNobhala bezifundazwe nangesikhathi esenguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

UMathale ubezwakala efakaza sakugxeka eziye izinqumo zikaMchunu abuye ajike eduze amncome ngokusebenza kwakhe ekufakazela nangokwazana kwabo eqenjini uKhongolose. 

Ilungu leKomidi uMnu uSibonelo Nomvalo umvalele ekhoneni uMathale ngokuthi ezinyangeni ezi-12 besebenzisana noMchunu akukho lapho eseke wanikwa khona umsebenzi okumele awenze. UNomvalo ucindezele uMathale ngokuthi akaboni yini ukuthi yingoba singekho isidingo samaSekela Ngqongqoshe Wamaphoyisa njengoba uNgqongqoshe engabaniki umsebenzi.

Eziphungela uMthale uthe yize engakaze anikwe umsebenzi kuze kube yimanje kodwa kuningi okwenzekayo ehhovisi nomsebenzi wansukuzonke awenzayo awuhlahlela zinyanga zonke, ukuthi uMchunu akakaze amnike umsebenzi akuchazi ukuthi akukho abakwenzayo njengamaSekela Ngqongqoshe.

See Also

Indlela abephendula ngayo uMathale yenze amanye amalungu aleli komidi akhombisa ukunengeka njengoNkk uGlynnis Breytenbach ombuze ukuthi uNgqongqoshe Wamaphoyisa Obambile uFiroz Cachalia useke wamnika yini umsebenzi. Lapho uphendule ngokuthi kuze kube yimanje akakaze amnike kodwa usendleleni yokwenza lokho ngoba banokuxhumana futhi unawowonke amandla kuleli hhovisi akukho ukuthi usabambile. UBreytenbach ugcine esembuza ukuthi kungani kugabekwanga elinye lamaSekela njengoNgqongqoshe 
wamaphoyisa.

“UMengameli wayengabeka noma ngubani okwakungaba nayisekela likaNgqongqoshe  kuthi lapho uNgqongqoshe esebuya ekhefini lakhe lowo obambile bese eyaphoxeka”.

UMathale uthe uma enganikwa ithuba lokuba nguNgqongqoshe into yokuqala angayenza ukubuyisa uzinzo esiphoyiseni abe nokuxumana noKhomishana Wamaphoyisa nezinye izinhlaka njenge-Ipid. Uveze ukuthi enye into edinga ukusukunyelwa ukuhlola indlela yokuphila kwalabo abasezikhundleni esiphoyiseni ukuthi iyahambisana yini nemiholo yabo.

Scroll To Top