Udalule okwenze bazigwazela ibhece kuNamibia umqeqeshi weBafana Bafana


IBafana ibhaxabule iNamibia ngamagoli amane (4) eqandeni emdlalweni we-Africa Cup of Nations obuse-Amadou Gon Coulibaly Stadium kwelase-Ivory Coast.
UPercy Tau, Themba Zwane ovalele enethini amagoli amabili noThapelo Maseko yibona abavalele ezintanjeni amagoli eBafana kulo mdlalo obuyizolo ebusuku.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uBroos utshele abezindaba ngokwenza bazidlulela ngehubo kuNamibia.
“Besikuqonda kahle ukuthi kumele siwunqobe umdlalo wanamuhla (ngeSonto ebusuku) ukuze sikwazi ukuphuma esigabeni samaqoqo. Belukhona uvalo ngasekuqaleni komdlalo. Umgqigqo siwuthole kahle ngemuva kokuthola igoli lokuqala. Siwenzile umsebenzi wokuhlaziya nokucubungulisisa kahle izitha. Sibatshengisile abadlali ukuthi yikuphi lapho izitha zibuthaka khona nalapho sibukhali khona. Ziyingozi kakhulu ngamabhola amade. Osukwini abazange babeyingozi,” kubeka uBroos.
Ngemuva kwemidlalo emibili, iBafana isihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili. IMali iyona eqhwakele ngamaphuzu amane emidlalweni emibili.
NgoLwesithathu, iBafana izoshukana neTunisia ngehora lesi-7 ebusuku emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
“Siwajabulele amaphuzu amathathu. Besiwudinga lomphumela. Umphumela wanamuhla (ngeSonto) uzokwenza omkhulu umehluko uma sekubhekwa umehluko wamagoli. Sizoya emdlalweni wangoLwesithathu sigcwele ukuzethemba ngendlela eyisimanga. Sidlala nezwe eliqinile (Tunisia). Omunye umdlalo esidinga ukuwunqoba ukuze siqhubeke sihlale lapha e-Ivory Coast. Sizowuhlelela kahle umdlalo,” kuchaza uBroos.
ITunisia inephuzu elilodwa emidlalweni emibili. Iyona ehlezi ekugcineni. Kowokuqala idliwe yiNamibia ngo 1-0. Wonke amazwe akuleli qoqo asenalo ithuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi.