Ishayelwe ihlombe iChina ngokuphuthuma yakhe izibhedlela



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IWorld Health Organization (WHO) isikhiphe umyalelo wesimo esiphuthumayo sezempilo ezingeni lomhlaba ngenxa yesifo esisha iCoronavirus esesibulale abantu abacishe bafike emakhulwini amahlanu. Lokhu kudalulwe yizibalo zakamumva eChina kanye nabanye ababili abangaphandle kwaleli lizwe. Bangaphezulu kwezi-23 000 abantu asebetholwe benalesi sifo eChina kusukela saqubuka ngoZibandlela edolobheni iWuhan elisesifundazweni iHubei enkabeni yezwe. Bangale kwe-180 osekutholakale ukuthi baneCoronavirus kwamanye amazwe okubalwa kuwo ne- USA. Isinqumo seWHO sizolekelela ukuthi kunqandwe ukubhebhetheka kweCoronavirus njengoba amazwe eseluthathela phezulu lolu daba ethatha izinyathelo nawo. UMqondisi Jikelele weWHO uTendros Adhanom Ghebreyesus uthe izinyathelo eziqinile esezithathwe iChina lapho kuqubuke khona lolu bhubhane lunqande ukusabalala okukhulu kweCoronavirus emhlabeni nokuvule intuba yokuvimba ukuthelelana kwabantu. UMengameli waseChina uXi Jinping uzwakale eqinisa idolo abantu bakuleli lizwe kanye nomhlaba ngoLwesithathu ngesikhathi ehanjelwe nguNdunankulu waseCambodia uHun Sen eBeijing. Uthe iChina yenza inqubekela phambili emizamweni yokunqanda ukubhebhetheka kweCoronavirus, ngokubika kwenhlangano yokusakaza yombuso iCCTV.
UJinping unakekile nokho ukuthi ubekhuluma okokuqala esidlangalaleni esikhathini esingangezinsuku eziyisishiyagalombili, kanti isivakashi sakhe lesi singumholi wokuqala wangaphandle ukuvakasha kusukela kwaqubuka iCoronavirus. Kusenjalo, idolobha iHong Kong lithathe isinqumo sokuvalela labo abangena bephuma eChina izinsuku ezili-14 ngokusho komholi uCarrie Lam. Uphinde wadalula ukuthi uHulumeni uhlele ukusebenzisa izigidigi ezili-10 zemali ukulwisana nalolu bhubhane. ULam uthathe lezi zinyathelo emva kokuthi kushone umuntu wokuqala ngoLwesibili ngenxa yeCoronavirus. Bangaphezulu kwamashumi amabili abantu asebetholwe benalesi sifo eHong Kong. Ngenyanga edlule iChina ivale iWuhan la kuqubuke khona iCoronavirus kanye namanye amadolobha eHubei kumiswa izinto zokuthutha eziphumayo nezingenayo ukuze kubhekwane nalesi sifo. Lokhu kusho ukuvalela ndawonye abantu abalinganiselwa ezigidini ezingama-60 nokuyisibalo esithi asilingane nabantu baseNingizimu Afrika. Izindawo eziningi okubalwa neziteshi zezitimela, izindawo zokudla, ezitolo, ezinkampanini nasemasangweni ezibhedlela kunabantu abahlola izingakushisa njengoba lesi sifo sihambisana nemfiva. Lezi ezinye zezinyathelo ezicacile esezithathiwe nohlangabezana nazo uma uhamba ezifundazweni eziningi.
Lesi simo salesi sifo sesenze izindawo eziningi zikhale ibhungezi njengoba abantu begqugquzelwa ukuthi bagweme izindawo ezigcwele abantu okubalwa nezinxanxathela zezitolo. Abantu abaningi bazihlalela emakhaya, kuthi abasebenzayo abanye basebenzele emakhaya nokushiya amahhovisi engenmuntu. Kuphinde kugcizelelwe ukuthi abantu bahlale befake izinsitha uma bengaphandle, baphinde bahlanze izandla ngensipho namazi ahambayo ngaso sonke isikhathi. Lesi sikhathi esinzima siphinde sinike iChina ithuba lokukhombisa ubuchule bayo ikakhulukazi kwezobunjiniyela. Ukubhekana nesibalo esilokhu sikhule njalo seziguli ezineCoronavirus, uHulumeni usakhe izibhedlela ezintathu ezingomahamba nendlwana esikhathini esingangamasonto amabili eWuhan. Abaningi bebengakholwa ukuthi lokhu kungenzeka kodwa lo umsebenzi ongenzima eChina njengoba leli kuyizwe elineqembu elilodwa kanti uHulumeni omkhulu uyena othatha zonke izinqumo.
Njengoba umhlaba kungokaHulumeni ngokunjalo nobuningi babantu benza kungaswelakali labo abazosebenza lezi ezinye zezinto ezenza ukuthi iChina ikwazi ukuwenza lo msebenzi. UHulumeni waseWuhan wona ohole ukwakhiwa kwalezi zibhedlela. Kanti bangaphezulu kwekhulu abantu abasebenza umsebenzi wokwakha. Ngokombiko, esokuqala isibhedlela esakhiwe ezinsukwini eziyisithupha sinemibhede eyinkulungwane, kwesesibili ibe yi-1 300 kanti esesithathu iyizi-3400. Isibhedlela sokugcina esiqedwe ngoLwesithathu siqale ngalo lolu suku ukwamukela iziguli. Kulindeleke ukuthi zibe yishumi nanye sezizonke izibhedlela ezingomahamba nendlwana ezizokwelapha iziguli zeCoronavirus. Ziyisishiyagalombili ezisele zisakhiwa. IChina ayiqali ukwakha izibhedlela ngendlela esheshayo. Ngowezi-2003, ngesikhathi kuqubuka isifo iSever Acute Respiratory Syndrome noma iSARS esabhubhisa nabantu kwakhiwa iXiaotangshan Hospital esikhathini esiyizinsuku ezintathu ukuze yamukele iziguli.