Now Reading
Abasebenzi ngabe baphoqelekile ukusebenza isikhathi esengeziwe?
Dark Light

Abasebenzi ngabe baphoqelekile ukusebenza isikhathi esengeziwe?

Isigaba samashumi amabili nantathu nesigatshana sokuqala (23(1)) esitholakala phansi koMthethosisekelo sivikela ilungelo lawo wonke umuntu lokuthi asebenze ngaphansi kwezimo ezinobulungiswa.

Noma ilungelo lokusebenza ngaphansi kwezimo ezinobulungiswa kuyilungelo lawo wonke umuntu kuvamisile ukuthi abasebenzi bangawazi amalungelo abo. Amanye amalungelo atholakala kuMthethosisekelo alandeliswa ngomunye umthetho ozolawula ngokuphelele lelo noma lawo malungelo.

UMthetho Wezimiso Eziyisisekelo Somthetho Wokuqasha (Basic Conditions of Employment Act 75 of 1997) ungumthetho olawula leli lungelo elitholakala kusigaba-23(1) kumthethosisekelo ngokuphelele. Kubalulekile ukuthi noma ngabe isiphi isivumelwano ongena kuso nomqashi wakho sihambisane nalomthetho.

Ngokulandela izimiso zalomthetho umqashi kufanele afike kwisivumelwano nomsebenzi wakhe mayelana nokuthi umsebenzi uyavuma ukusebenza isikhathi esengeziwe. Ngokwesigaba seshumi nesigatshana sesihlanu (10(5)) somthetho wezimiso eziyisisekelo somthetho wokuqasha, umqashi angakwazi ukungena kulesi sivumelwano nomsebenzi mhla umsebenzi eqala ukusebenza noma ezinyangeni ezintathu eqalile ukusebenza.

Kepha lesi sivumelwano siphelelwa isikhathi emuva kwezinyanga eziyishumi nambili. Uma umqashi efuna ukuthi selulwe isivumelwano angakwazi ukusivuselela kodwa ngokuvumelana nabasebenzi.

Abaqashi kumele bekuqaphele lokhu ngoba bengazithola sebesemanzini abilayo. Inkantolo ebhekelela ezokusebenza (Labour Court) idingide udaba labasebenzi abaxoshelwe ukunqaba ukusebenza isikhathi esengeziwe.

Kwicala ebeliphakathi kuka- AMCU oboMkhonto and Others v Commission For Conciliation, Mediation And Arbitration and Others (JR 2266/17) [2023] ZALCJHB 23, umqashi wathi abasebenzi abane baxoshelwe ukungathobeli umthetho emuva kokuthi akhiphe isiyalo sokuthi abasebenzi kufanele bezosebenza isikhathi esengeziwe kepha abasebenzi benqaba.

Umqashi wathi laba basebenzi abane babophezelwe izivumelwano zokusebenza abangena kuzo.

Inkantolo yathola ukuthi oyedwa walababasebenzi isivumelwano somsebenzi asisho lutho ngokusebenza isikhathi esengeziwe, abanye ababili kwatholakala ukuthi noma izivumelwano zomsebenzi zabo zikhuluma ngokusebenza isikhathi esengeziwe, kepha lezi zivumelwano seziphelelwe isikhathi ngoba seziphelile izinyanga eziyishumi nambili.

Oyedwa kuphela kulababasebenzi obesabophezekile ngokwesivumelwano ngoba bezingakapheli izinyanga eziyimashumi nambili aqala ukusebenza noma angena kwisivumelwano sokusebenza.

See Also

Inkantolo yaphinde yagcizelela ukubaluleka kokuthi isijeziso singeqi noma ngabe kukhona umthetho owephuliwe. Lomsebenzi oyedwa kwabane, uyena yedwa obesabophelekile kwisivumelwano sokusebenza isikhathi esengeziwe.

Kanti futhi lomsebenzi ubeqala ukungathobeli umthetho obekwe umphathi ngakho ke isijeziso sakhe bekufanele sihambisane nalokho. Inkantolo yathi bekungamele axoshwe. Inkantolo yafika kwisinqumo sokuthi bonke labasebenzi kumele babuyiselwe emsebenzini futhi bakhokhelwe imali ebekufanele engabe bebeyihola.

Lesi sinqumo senkantolo sigcizelela ukuthi abaqashi ngaso sonke isikhathi behleli beqinisekisa ukuthi isivumelwano somsebenzi sihambelana nomthetho ngaso sonke isikhathi.

Kepha kubaluleke kakhulu ukuthi bonke abasebenzi nabafundi bephephandaba bazi ukuthi umthetho otholakala ngaphansi kwesigaba-10 somthetho wezimiso eziyisisekelo somthetho yokuqashwa uqondene nabasebenzi abahola ngaphansi komkhawulo wonyaka wokuhola, njengamanje lomkhawulo ungama-R241 110.59].

Uma uhola ngaphezulu kwalemali ngonyaka awukwazi ukusebenzisa lomthethokwisivumelwano sakho nomqashi.

Scroll To Top