Inzukazikeyi yamatekisi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Bawumgogodla womnotho wakuleli. Yibo abathutha abantu abaningi beya noma bebuya emisebenzini. Baqashe amakhulu ngamakhulu abantu njengabashayeli kanye nabasizi babashayeli. Lapho besebenzela khona kukhona abanye abahlomulayo, okuyilabo abahlanza izimoto nalabo abadayisa okwahlukene okuhlanganisa ukudla namaphephandaba. Lena yimboni yamatekisi okungashiwo kungananazwa ukuthi yibhizinisi laboHlanga njengoba abanikazi bayo baziqalela lona nje.
Okwabe kulindelekile wukuthi uma uHulumeni ekhuluma ngokuhlomulisa izimboni kanye namabhizinisi aboHlanga uyoqala kuyo futhi kube lula. Ngeshwa akubanga njalo ngenxa yezinkinga ngaphakathi nangaphandle kule mboni. Leli phephandaba selibike kaningana ngezingqinamba kule mboni nesinezidumbu phansi. Khona lapho like labika nangokuxhashazwa kwayo ngabathile, abenza imali ngayo.
Ubudlelwano bukaHulumeni nale mboni bumazombezombe, kwehluke izindawo nanokuthi ngubani oholayo kuyo imboni nakuHulumeni. Njengoba kunokhuvethe nje le mboni nayo njengezinye ithintekile, bathi yona kakhulu. Abasho kanje bakuthathela ekutheni kuleli uHulumeni uxhasa amabhasi nezitimela ngisho nezindiza. Baxhaswa ngisho benabagibeli ababili.
Ezindaweni ezifana neTheku umdonsiwano phakathi kukaHulumeni Wendawo kanye nemboni ushisa phansi ngohlelo iGo!Durban. Ngokwengxenye ethize ematekisini lolu hlelo luzobaphuca umbele njengoba kuzogijima amabhasi nje ezindaweni lapho bebehweba khona. Ngakolunye uhlangothi uHulumeni uthi akwenzayo kuzothuthukisa ingqalasizinda.
Okuvelele abamatekisi kulokhu kube kuningana, kusukwa nje kube nemiyalelo ebihambisana nokuvalwa kwezwe neke yathi ababe nesibalo esithile sabagibeli nokwabuye kwaguqulwa. Amahora okusebenza nawo aphazamisekile, kwathi ingxenye ethize yangavuka.
Namuhla emuva kokhwehlela kweze ezingeni lesi-3 le mboni ibhekene nemibuzo eminingi nokumele iyiphendule. Phezulu eqhulwini wudaba lwamanani okugibela nokulindeleke ukuthi nakanjani akhuphuke. Lokhu kukhuphuka akuncikile nje kuphela entengweni kawoyela kepha nasezibazini zokhuvethe olufike lwadlavuza umnotho nxa zonke. Kulokhu imboni kumele icabange ukuthi isinqumo sokwenyusa imali nokuyisidingo kuyomhlukumeza kanjani umgibeli ‘ongenzelutho’ naye ozixakekele.
Isimemezelo sakamuva sososhini baseGauteng ababalelwa ema-70 sokuthi nakanjani amanani azokhuphuka sidale inkulumompikiswano, bebodwa abazwelana nabale mboni kanti abanye bathi isenzo sokukhuphula imali asinazwelo phambili ngumgolo. Abe-Alexandra-Randburg-Midrand-Santon Taxi Association bona kabananazanga ngoba bahlale phezu kodaba bamemezela ukuthi umgibeli obekhokha i-R11 usezokhokha ama-R30 okungama-172%. Uma bezivikela abemboni bathi isinqumo sabo sincike emnothweni. USihlalo kazwelonke weTop Six, uMnu uKgaripane Sam uthe: “ La matekisi alayisha kuphela ama-70% ngaphandle koxhaso oluvela kuHulumeni azodliwa. Isibonelo, ngeke ngikwazi ukukhokhela ibhange, ngeke ngikwazi ukondla umndeni wami futhi ngeke ngikwazi ukukhokhela abashayeli.”
Lesi sinqumo sabemboni eGauteng kubukeka singase senabele nakwenzinye izifundazwe.
I-South African National Taxi Council (Santaco) esifundeni iKwaZulu-Natal sesikuvezile ukuthi sihlose ukunyusa imali yokugibela amatekisi mhla lulu-1 kuNtulikazi kodwa hhayyi ngamaphesenti angaphezu kwali-100 njengoba ezinye izinhlangano zamatekisi bezihlosile. Lokhu konke kuqhamuke emuva kokuvela kokuthi usoseshini wase-Alexandra usunyuse imali yokugibela isuka e-R11 yakhuphukela ema-R30.
USihlalo wenhlangano iSantaco uMnu uBoy Zondi uthe basazokudingida ukunyuka kwemali lokugibela nabanye ososeshini.” NjengoSantaco sithathe isinqumo njengezifunda sokuthi ukunyuka kwemali yokugibela angeke siyinyuse ezifundeni ezimbili kuphela okuyiGauteng kanye neKwaZulu-Natal. Uma kuqala inyanga uNtulikazi imali yokugibela ematekisini izonyuka , lokhu sikwenza njalo ngonyaka futhi sikwenza sibheka izindleko zemoto,” kuphetha uNondaba.
Ukuphawula koMnyango ngalolu daba akuniki impendulo ephelele. Ngokwemibiko uNgqongqoshe uFikile Mbalula uthi uzonikela kwabeKhomishini Yezokuncintisana uma kuwukuthi le mali iyakhuphuka. Mhlawumbe ngokomthetho angaphumelela uMhlonishwa kepha lokho akulethi isixazululo kulolu daba. Okunye akushile uMhlonishwa wukuthi njengoHulumeni bamatasa basakha isu lokunxephezela noma ukunika isibonelelo imboni.
Asikho isizathu esiveziwe ukuthi kungani kuze kube yimanje lokhu kungakenzeki nokuthi kungabi sekuphuthuma kepha lokho kungaba yisixazululo. Ngakolunye uhlangothi kukhona nabo abemboni bazigwaza ngowabo njengoba bengayikhokhi intela nokwenza mhlawumbe kube nzima ukwamukela ukuthi baxhaswe nguHulumeni njengemboni.