Now Reading
UMkhandlu waKwaNongoma ulekelele ngo-R250 000 kwintsha eyenza umatikuletsheni
Dark Light

UMkhandlu waKwaNongoma ulekelele ngo-R250 000 kwintsha eyenza umatikuletsheni

Usuku lwayizolo lube injabulo kubaphathi bezemfundo, kubazali (SGB), Izinyunyana zothisha okubalwa iSadtu neNatu kanye nezinhlaka zomphakathi ngesikhathi iMeya kaMasipala uNongoma uMnu uMbekezeli Zondo kanye namaKhansela omkhandlu bedlulisela isheke lezinkulungwane ezingama-R250 ezikoleni ukuthi kusizakale abafundi bakamatikuletsheni ababambe amaBoot Camps.

Lokhu kwenzeke kumcimbi obubanjelwe kwaNongoma Mutipurpose Hall, lokhu kube ubufakazi bokuthi loMasipala unentshisekelo engakanani yikulekela intsha ufeze amaphupho ayo kanye nokuthuthukiswa kwemfundo.

IMeya yaloMkhandlu uMnu uMbekezeli Zondo ubonge kakhulu othisha nabobonke ababambe iqhaza kwezemfundo ukuqinisekisa ukuthi uNongoma wenza kahle kwezemfundo.

UMthiyane (abakaZondo) uphinde wathembisa ukubamba umcimbi wokukomelisa labo abayophumelela lela kahle kuloMkhandlu.

UMnu CF Mbatha onguMhloli omkhulu kwaNongoma yena ugcizelele ukuthi lemali yethula umthwalo izikole njengoba isimo sezimali singesihle kuhulumeni.

See Also

Uphinde wathembisa ukuthi njengoba uNongoma wenza kahle ngonyaka odlule , nakulonyaka bahlose ukuthola ngaphezu kuka-95% wokuphasa.

Izinyunyana zothisha azikubukelanga phansi lokhu okwenziwe uMkhandlu, njengoba zonke zikushayele ihlombe lokhu.

Scroll To Top