Now Reading
I-MK Party ithi isikulungele ukuphonsela i-IEC inselelo ngezinsolo zokukhwabanisa amavoti
Dark Light

I-MK Party ithi isikulungele ukuphonsela i-IEC inselelo ngezinsolo zokukhwabanisa amavoti

Iqembu uMkhonto weSizwe (MK) lithi selililungele icala layo elibhekene neKhomishini yoKhetho yaseNingizimu Afrika (IEC) lokubeka eceleni imiphumela yokhetho lukazwelonke lwangoNhlaba ngenxa yezinsolo zokukhwabaniswa kwamavoti.

Leliqembu lanikezwa imvume yiNkantolo yezoKhetho ukuthi lihoxise isicelo salo ekupheleni kukaMfumfu kepha uNobhala Jikelele we-MK Party, uFloyd Shivambu, uthi sebekulungele ukuveza ubufakazi bokukhwabanisa okhethweni.

Leliqembu lathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal kodwa alizange linqobe kulesi sifundazwe ngeningi (outright majority). Leliqembu seliyiqembu eliphikisayo elisemthethweni esiShayamthetho sesifundazwe iKwaZulu-Natal ngemuva kokuthi amanye amaqembu esungule uhulumeni wobumbano lwezifundazwe.

UShivambu ekhuluma nabezindaba eThekwini uthe “Ngokobufakazi obuningi obethulwe ebuholini, sinethemba elikhulu lokuthi uma lokho kulethwa enkantolo yomthetho elinganayo, ekhululekile, esobala nevulelekile, kuzoba khona okukhombisa ngokusobala ukuthi kunokukhwabanisa okhethweni obekubhekiswe kuMkhonto Wesizwe. Bekubhekiswe ekuzameni ukunciphisa nokushintsha amavoti obekumele ngabe aya kuMkhonto Wesizwe. Futhi lokho kuzoboniswa enkantolo evulekile yomthetho ngabameli bezomthetho ababelwe ukwenza umsebenzi onjalo.”

See Also

UShivambu uthi kube nomzamo wamabomu wokuvimbela i-MK Party ukuthi ithole iningi eliphelele KwaZulu-Natal. “Akusilona icala elingenangqondo. Akulona icala lapho i-MKP yenqaba ukwamukela imiphumela; kuyicala langempela. Nina enisakwazi ukufinyelela kwimiphumela, ningazama ukufinyelela kuwo wonke ama-VD.”

Scroll To Top