Now Reading
Izimangalo ezibhekiswe kuMehluleli omisiwe ziveza ukungaziphathi kahle okukhulu
Dark Light

Izimangalo ezibhekiswe kuMehluleli omisiwe ziveza ukungaziphathi kahle okukhulu

Amalungu eKomidi lesiGungu sokuziphatha kwezobulungiswa (Committee of the Judicial Conduct Tribunal) avumelana ngazwi linye ukuthi izinsolo ezibhekene nomehlulelile omisiwe uTintswalo Makhubele ziveza ukungaziphathi kahle okusezingeni eliphezulu.

Lokhu kuvezwe embikweni wesigungu esiwubhalele iJudicial Service Commission (JSC) ngesikhalo esifakwe yinhlangano yomphakathi, i-#UniteBehind.

Le nhlangano isola ukuthi uMakhubele wephule umgomo wokuhlukaniswa kwamandla ngokuba ngumehluleli kanye nosihlalo webhodi lakwa-PRASA. Kusolakala ukuthi uphinde waqhubela phambili inkohlakalo kanye nokugwamandwa kwamandla ombuso.

Embikweni onamakhasi ali-13, isigungu ngemuva kokuhlola ubufakazi obuphambi kwaso,sithole  ukuthi ingcazelo yakhe yezehlakalo esigungwini, phakathi kwezinye izinto, “yayidukisa ngamabomu futhi ingenele ngokusobala”.

See Also

Isigungu siphinde saphawula ukuthi ngesikhathi sokuphekwa ngemibuzo, kwalomehluleli omisiwe “akuzange enze kahle nakhona”. Wonke amehlo manje asethe njo ku-JSC ezocubungula okutholakele.

Uma i-JSC ithola umehluleli uMakhubele omisiwe enecala lokungaziphathi kahle, udaba kuzofanele luthunyelwe ePhalamende likazwelonke ukuze kuvotwe lapho kudingeka khona izingxenye ezimbili kwezintathu ukuze akhishwe esikhundleni (impeachment).

Scroll To Top