UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuqinisiwe makuthiwa asikho isikhathi esingafiki, nale mpelasonto okade kukhulunywa ngaye kuzona zonke izindawo eThekwini isifikile.
Umsubathi wasesifundazweni iKwaZulu-Natal uJenet Mbhele uthi akanayo ingcindezi yokwenza kahle kuComrades Marathon yakulo nyaka.
Insephe Football Club (FC) elinye lamaqembu abhekiwe ukuthi lingakhala lemuke nomqhudelwano waminyaka yonke iKhabba Cup.
Amaqembu ezepolitiki eKZN abeke eceleni umbango nokungaboni ngasolinye ngemiphumela yokhetho ahlanganyela ekufakeni isandla emphakathini okhahlanyezwe isishingishane KwaZulu-Natal.
Imvula kanye nesiphepho esinamandla sigadle kwezwela ezindaweni eziningi ezisesifundazweni iKwaZulu-Natal.
UNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana igama leli lingasali kubasubathi uma kubalwa abasubathi abaqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abangenza kahle emjahweni weComrades Marathon.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki kule mpelasonto bazothola ithuba lokugcina lokukhankasa ngenhloso yokunxenxa amavoti njengoba ukhetho lukazwelonke selusemome.
Ibamba leMeya lasoPhongola uMnu Bheki Thwala ukhala ngemvula ebabuyisela emuva njengoba njalo uma inile ishiya imigwaqo ilimele.
Namuhla amalunga e-Economic Freedom Fighters (EFF) agcwale iTheku nalapho ebesuka eBotha Park kuMarket Street emasha elibangise eCity Hall. UNobhala Jikelele waleli qembu uMnu uMarshall Dlamini ezothula khona umyalezo ewubhekise kubalandeli.
Amaqembu ezepolitiki aqhubekile nokuqinisa imikhankaso yawo, kwazise sekubalwa izinsuku ezingaphansi kwezili-10 ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Kuyinto engephikiswa ukuthi eminyakeni edlule bekuphuma izidumbu ngenxa yombango wamaqembu ezepolitiki.
Amaqembu ezepolitiki kuleli ayaqhubeka nokwenza imicimbi ngenhloso yokudlulisa umyalezo kubantu ukuze bezowavotela ngosuku lokhetho.
Zili-14 izinsuku ezisele ngaphambi “kosuku olukhulu”, okungusuku lapho abantu balapha eNingizimu Afrika beyobe begcwele zonke izikhungo zokuvota beyovota.
IMeya yaseMfolozi uMnuz uXolani Bhengu ukholwa ukuthi amalunga e-Inkatha Freedom Party (IFP) akuloMasipala azolima enkulu indima ekutheni iqembu linqobe isifundazwe iKwaZulu-Natal.
UMelusi Gumede ongujokhi wenjomane ebizwa ngokuthi uMbayimbayi uthi kulo nyaka miningi imiqhudelwano azoyinqoba kungabindaba zalutho.
Ivalwe ngenhlokomo imijikelezo yeMeya yesifunda uMkhanyakude uMnuz uSphile Mdaka, nalapho ahambele bonke oMasipala ngenhloso yokwethula isabelo mali kumalunga omphakathi.
USihlalo we-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli, ukhwele wadilika kuNgqongqoshe uDkt uNtuthuko Mahlaba emsola ngokwenza isikhangiso esiyimfundisoze nesihubhuza amanga okuthi nguHulumeni weqembu le-ANC owakha inkundla iMoses Mabhida.
UMtungwa uqale ukuqashelwa ngabaningi uma kuvela ukuthi nguye owabhalisa igama uMkhonto Wesizwe ku-IEC.
Le njomane inomlando wokunqoba imiqhudelwano eminingi okubalwa iDundee July, iKing Cetshwayo June neHarry Gwala Summer Cup. Lo mjaho iwona ongowokuvula unyaka.
ULekhothla Pulinyana obe ngumpetha wePrince Mangosuthu Ultra Marathon 52km kwabesilisa ubonge uNkosikhona "The Pitbull" Mhlakwana ngobuchule amuphe bona ukuze anqobe lo mjaho.
Kulindeleke ukuthi izinga lePrince Mangosuthu Ultra Marathon 52km libe phezulu kakhulu njengoba lo mjaho ungowokugcina…...
Abathandi bezemidlalo kakhulukazi ezamankomane baliqale kabi isonto njengoba laphela usuku langoMsombuluko, ngezindaba ezishaqisayo zokuthi nebala akasekho emhlabeni uDingaan Bongane "The Rose of Soweto" Thobela.
USiphamandla Hleza ongunozinti weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC uthi bayayiqonda ingcindezi ababhekene nayo kule midlalo yeligi ebasalele.
Iqembu lebhola lomnqakiswano iKingdom Stars lasesifundazweni iKwaZulu-Natal lilokhu liqhubekile nokwenza kahle kuTelkom Netball League (TNL).…