UMntungwa uzigwaze ngowakhe noma ukuntuleka kwamava



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulolu khetho cishe alikho iqembu okukhulunywa ngalo njengoMkhonto Wesizwe (MK). Ukuba ngundabamlonyeni kusuke mhla zili-16 kuZibandlela nyakenye ngesikhathi loyo owayenguMengameli wezwe uMnu uZuma ememezela ukuthi uzogqisha kuMK uma sekuyiwa okhethweni kuze kube inhlangano le ifakwa ezinkantolo. Ukunqoba kwayo yehlula i-African National Congress (ANC) hhayi kanye kepha kabili yabuye yanqoba odabeni oluthinta abe-IEC kuyenze yaqapheleka futhi kwasobala ukuthi ukwenza kwayo kunyakazisa ezomthetho kuleli.
Okunye okuyenze yaba ngundaba mlonyeni wudaba likaMnu uJabulani Sbongiseni Khumalo obengumholi weMK nokho okhonjwe indlela yileli qembu. UMtungwa uqale ukuqashelwa ngabaningi uma kuvela ukuthi nguye owabhalisa igama uMkhonto Wesizwe ku-IEC. Uphinde wagqama futhi njengoba ubema eduze kukaZuma njalo esithombeni ebesiveza ubunye ebuholini.
Yize abaningi babe nokusola ukuthi uKhumalo ubeyisandla nje sokuphosa kepha kube liqiniso ukuthi yebo nguye obexhumana ne-IEC kuze kube ngenyanga eyedlule. Uxhumene nale nhlangano mhla ziyisi-7 kuMandulo nyakenye ebhalisa iqembu wabuye okokugcina waxhumana nayo mhla eyazisa ukuthi uZuma uzoba ngubuso beqembu wabuye wamethula njengoMengameli walo.
Konke lokhu kuvele ngesikhathi sekunemibiko yokuxoshana lapho ubuholi bekumisa uKhumalo naye waphendula ngokumisa uZuma.
Udaba lokuthi ngubani umholi weqembu abe-IEC baluphendulile esitatimendeni sabo:
“IKhomishini Yokhetho iyaqinisekisa ukuthi iyitholile incwadi evela kuMnu uKhumalo emele iMK Party. Kuleyo ncwadi uMnu uKhumalo ufuna iKhomishini Yokhetho isuse uMnu uZuma njengo ‘buso’beMKP futhi nanjengoMengameli weMKP.
“IKhomishini imile ekutheni yona ayingeni ezindabeni zangaphakathi zamaqembu epolitiki. Ngaphezu kwalokho iKhomishini yona ithatha imiyalelo kumholi obhalisiwe weqembu, kulokhu okunguMnu uJacob Zuma obhaliswe njengomholi weMKParty. Lesi simo sibe kanjena kusukela zili-10 kuMbasa wezi-2024,” kusho isitatimende.
Umbuzo oqhamukile
Konke lokhu kushiye umbuzo ekutheni yini eqhathe uZuma noKhumalo nanokuthi engabe uMtungwa ubezihlele kahle yini izinto zakhe. Kungephikwe ukuthi iningi labantu kalijoyinanga uMK ngenxa kakhulumalo kepha isibunge kube nguZuma. Umbuzo uthi uKhumalo ubelindele siphetho sini. Abanye abakhulume nelaboHlanga bathi uKhumalo uzigwaze ngowakhe uma eselalela ‘ amaphupho’ angekho.
“UKhumalo ukhohlwe yilabo abebethi kukhona okuzokwenzeka kuZuma njengokuchithwa emacaleni athinta igama lakhe nokumela leli qembu ePhalamende. Laba bamthembise ukuthi nguye umholi uZuma uzoziwela. Lokhu kumenze waguqula ukwenza wazibona esephethe. Wenze iphutha ngoba leli akuqembu lamuntu ngelabantu,” kusho omunye owajoyina leli qembu lisungulwa nobesebenza noKhumalo noZuma.
Okunye okuvelile ngukungabi bikho kwamava kaKhumalo uma kufikwa kwabezindaba. Abe-MK noZuma baphumelele ukumbeka njengomholi ongazi ufunani nokungenzeka ukuthi usetshenziswa zimbangi zeqembi noZuma ukukheqa iqembu. Ukwenza kukaKhumalo bakufanise nemizamo yokususa uZuma ohlwini ngalokho baphazamise umgqingqo weMK. Ukuveza uKhumalo esethenga izimoto zikanokusho bekunyindlela yokumninda ukuthi usehlafunile.
Kukho konke lokhu uMntungwa wehlulekile ukuvuka. UKhumalo uveze ukuthi lencwadi abe-IEC abakhuluma ngayo ethi uZuma ngumholi ingumkokotelo nokho amavidiyo avelile amveza ezikhulumela esho lokhu akusho encwadini ekutheni uZuma nguye umholi yena nabanye bangemuva. Ngokwesitatimende se-IEC uKhumalo uphandle, uphandle eqenjini elingeke lisamxoxlela kanjalo kasekho ohlwini lwabaya ePhalamende.