UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuqhume enkulu inhlokomo emcimbini wokunikezela ngezinsizakusebenza kosomabhizinisi abasafufusa abakhele uMasipala Wesifunda iKing Cetshwayo.
Injini ephinde ibe ngukaputeni weNjampela FC uMpilo Buthelezi uthi ukulungele ukulwela iqembu ukuthi linyukele kuMotsepe…...
Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ubheke ukubeka elinye irekhodi ngaphambi kokuthi kusongwe isizini yePremier Soccer League (PSL).
UKwenzakwakhe Ngwenya omele iSouth Africa Football Association (Safa) KwaZulu-Natal uthi isizini yangowezi-2023/24 yeSafa KZN ABC Motsepe ibe impumelelo.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema uthi amaqembu akulesi sifundazwe ayibamba kuTelkom Netball League (TNL) azokwenza kahle kulo nyaka.
Injini yoMsinga United uThamisanqa Sangweni uthi uhluleka nokuchaza ubumqoka womdlalo wabo wangeSonto.
UNkk uNonkululeko MaHlongwane Mhlongo omele iRise Mzansi embangweni wokuba uNdunankulu KwaZulu-Natal, uthi akumfaki itwetwe ukuthi ubanga nabesilisa futhi abanamava kwipolitiki.
IMamelodi Sundowns isisalelwe ikuthi inqobe imidlalo emibili bese iyakwazi ukuvikela isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana.
INational Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle.
Isishiphi seqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) sesinuke saze sanukela aMakhosi imbala.
Umqeqeshi woMsinga United uMpumelelo Mpanza uthi okwenzeke izolo ngeSonto sekuyinto efana nomlando kuyena.
Isikhulu soMsinga United uWelcome Mpanza sithi ngeke baqhuzulwe itshe elilodwa kulokhu.
Umdlali wasesiswini weReal Madrid ne-England uJude Bellingham uthi iziphathimandla zebhola emhlabeni kumele kube khona ezikwenzayo ngendaba yokucwasana ngobuhlanga.
Kuqhume amakhwelo kwaqhuma imikikizo ngesikhathi kuhlomula osomabhizinisi abasafufusa abangaphezulu kwabali-100 ngezinsizakusebenza ezehlukahlukene ababezicelile kuMasipala waseNkandla. Okugqamile…...
IMaritzburg United incishe iPretoria University (Tuks) ithuba lokuthi ihlale phezulu kuMotsepe Foundation Championships. La maqembu…...
IDondol Stars egijima kuSafa ABC Motsepe League eGauteng iyiqembu lokuqala ukuba lizibekele indawo emidlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship.
Kube injabulo yodwa ngesikhathi abafundi baseKing Cetshwayo abenza umatikuletsheni bethola ingqayizivele yethuba yokululekwa ngemikhakha nemigomo yokungena ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo.
Inyamazane enguJenet Mbhele ilokhu iqhubekile lokuphephezelisa ifulegi lesifundazwe iKwaZulu-Natal emiqhudelwaneni ehlonishwayo ayi eNingizimu Afrika kodwa…...
Ikhala ezimathonsi iMenenja yoMkhumbane Classic uKenneth Ndabezitha ngokubehlele bengalindele beyiqembu.
Lide ibanga eselihanjiwe ezinhlakeni eziningi zokuphila kuleli lizwe iNingizimu Afrika, kusukela lathola inkululeko eminyakeni engama-30 eyedlule.
Iyasuka iyahlala namuhla imidlalo yeligi yezikole ezibizwa ngokuthi iCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League.
Yingwe nengonyama phakathi kweReal Madrid neManchester City, abazotholana phezulu emdlalweni weQuarterfinal ye-Uefa Champions League.no
UMnu uNtuli wethule amaphuzu ali-15 abazowabeka eqhulwini uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.