Now Reading
Kubhekwe lukhulu kumjaho wokuhlonipha uMntwana WakwaPhindangene
Dark Light

Kubhekwe lukhulu kumjaho wokuhlonipha uMntwana WakwaPhindangene

Kulindeleke ukuthi izinga lePrince Mangosuthu Ultra Marathon 52km libe phezulu kakhulu njengoba lo mjaho ungowokugcina esifundazweni iKwaZulu-Natal ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kuComrades Marathon.

IPrince Mangosuthu Marathon Ultra Marathon izokuba ngeSonto, izobe isuka eDundee isongwe eNquthu. 

Nonyaka lo mjaho owasungulwa ngowezi-2019 uzobe ugijinywa okokuqala ngaphandle kukaMntwana waKwaPhindangene okhothame nyakenye.

UMntwana waKwaPhindangene ubehlezi eba yingxenye yawo lo mjaho, ohlelwe iBiggersburg Athletics Club. Lo mjaho uhambisana nebanga lika-21km, elika-10km nelika-5km. 

IComrades Marathon ezokuba mhla ziyisi-9 kuNhlangulana ukuze ube yingxenye yayo, kumele kube ukuthi ugijime iMarathon noma ibanga elingaphezulu ukuze ufakwe endaweni okuzosuka umjaho kuyona. NgoMsombuluko usuku lokugcina ukuthumela imininingwane yabo. 

NgeSonto kulindeleke ukuthi kugijime  abasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle okubalwa iKenya, iMozambique naseZimbabwe.

Nyakenye, kwabesilisa intambo ishaywe uNtsindiso Mphakathi (02:56.29), kwabesimame kukhonye uShelmith Muriuki waseKenya (03:22.18).

Kwelika-21km kunqobe uJobo Khotoane (01:04.09) noNeheng Khathala (01:17.15).

Kwelika-10km uTebello Ramakongoane (29.22) noCacisile Sosibo (35.22).

UMphakathi wazise elaboHlanga ukuthi ngeke asivikele isicoco sakhe.

“Nonyaka ngeke ngiyigijime iPrince Mangosuthu Ultra Marathon, isizathu salokho ingoba ngizilungiselela iComrades Marathon. Nyakenye angenzanga kahle kuyona iComrades nonyaka ngifuna ukwenza kahle ngibalwe nabasubathi abayishumi bokuqala. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu,” kusho uMphakathi ngamafuphi.

Omunye umsubathi ongeke abe yingxenye yalo mjaho nonyaka  uJenet Mbhele, lo msubathi usezenzele igama kakhulu naye ubezobe ebhekiwe ngeSonto. 

See Also

“Bengifisa ukugijima iPrince Mangosuthu Ultra Marathon kodwa ngeke kuze kwenzeke, umzimba wami usakhathele kwazise emasontweni edlule ngigijime iTotalsports Two Oceans Marathon. Umjaho olandelayo kuzokuba iComrades Marathon,” kubeka uJenet. 

Umsubathi othe uzimisele ngokudla umhlanganiso kwabesifazane uLoveness Madziva.

“Nyakenye lo mjaho angiwuqedanga ngenxa yokuthi ngangisanda kuteta, ngashiya ebangeni lika-33km. Nonyaka ngiwulungele kakhulu lo mjaho, ingakho ngingangabazi ukuthi imina engizonqoba ebangeni lika-52km,” kubeka uLoveness. 

Le ntokazi isanda kuqeda endaweni yesithathu koweTotalsports Two Oceans Marathon. 

“Ngiyajabula ukuthi nonyaka ngithole umqeqeshi, kusukela ngowezi-2010 bengingena mqeqeshi. Lowo mqeqeshi uMdu Khumalo, engahlala naye phansi ngamcela ukuthi akangilekelele. Uqeqesho engiluthola kuyena luzongilekelela kakhulu ekuthenini ngenze kahle,” kubeka uLoveness. 

Izingqwele zika-52km zizogoduka ngezinkulungwane ezili-R100, kwelika-21km zigoduke nezinkulungwane ezingama-R50, kuthi abadle umhlanganiso kwelika-10km bona bazogoduka nezinkulungwane ezinhlanu zamaRandi. 

Scroll To Top