UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukuphikwa imiphumela kukaBrandon Truter kuyimbangela ekutheni aphume ngesango kwiRichards Bay FC.
Injabulo kuNozipho Ntshangase waseNseleni eceleni kwaseRichards, kufezeka iphupho layo lokuthi yenze umqhudelwano.
Ujabule wabuyela nganeno umqeqeshi weKaizer Chiefs FC uNasreddine Nabi emva kokuthi behlule iRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership.
Imvula enamandla eThekwini iphazamise usuku lokuqala lo mdlalo weTest ophakathi kwamaProteas neSri-Lanka.
Kugqame uMohau Nkota ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni.
Abazisolanga nhlobo abathandi bakanobhutshuzwayo abaqhubekile nokulinda umdlalo weRoyal AM neLamontville Golden Arrows.
Aseqhathiwe amaqembu akwi-Motsepe Foundation Championship (MFC), azolwela ukungena kwiLast 32 yeNedbank Cup.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro akafuni nakancane abadlali bakhe beyithathe kancane iCR Belouizadad, njengoba kubukeka ingayiqalanga kahle isizini ka-2024/25.
Intokazi yaseHammarsdale u-Aphiwe Thusini engumdlali webhola lomnqakiswano ithi kusukela yaqala ukudlala lo mdlalo ayikaze yenze kahle ukudlula lonyaka osalelwe amasonto ukuthi usongwe.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema uveze ukuthi yize beziningi izingqinama akade bebhekene nazo kodwa kuningi okuhle abakuzuzile.
Ukaputeni weRoyal AM uKabelo Mahlasela ubona ukunqoba kwabo iKZN Premier's Cup ngeledlule kubakhuthaza kakhulu ekuthenini benze kahle kule sizini ezoqala emasontweni azayo.
UDain do Santos ongumlandeli wokuqina weMaritzburg United, ufisa uFarouk Kadodia ongusihlalo waleli qembu eze kubona ezokhuluma nabo bengabalandeli ebalandise ngokwenzeka eqenjini.
Unozinti wodumo ku-AmaZulu FC uSiyabonga Mbatha uthi akakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe kunobhutshuzwayo.
Ngonyaka wezi-2020 ngesikhathi esayiniswa iMamelodi Sundowns esuka kwiReal Kings engasekho kwakubhekwe ukuthi uyokwenza lukhulu kuleli qembu laseChloorkop.
IMeya yakuMasipala waseNkandla uMnu uMbhekiseni Biyela isola amadoda adla “isiqatha” ngokusushisa umlilo ogcina ungasalawuleki ugcina ulimaza imfuyo yamadoda endaweni.
Umgadli osandawa kusayiniswa AmaZulu FC uSenzo "Mbhobho" Ndlovu, uthi ufuna ukuqhubeka nalokhu okwenze kwaheha leli qembu lamfaka emabhukwini alo.
Iqembu lakweleNdlovukazi AmaZulu FC, asethule abaxhasi abasha njengoba sekusemome ukuqala kwesizini entsha ka-2024/25.
ULindelani Mazibuko uthi yize ekhubazekile kodwa lokho akumenzanga ekutheni ahoshe imfe ekuthandeni ezemidlalo.
UMelusi Gamede ufunga uyagomela ukuthi okwamanje ayikho injomane ezoma endleleni kaMbayimbayi, okuyinjomane egitshelwa nguye.
U-Erick Khoza uphinde wathola ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika njengoba eqokwe ukuba ngelinye lamajaji empini yeWorld Boxing Council (WBC) Africa Junior Featherweight.
UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uThami Ntuli uphonsele inselelob amaqembu akulesi sifundazwe amabili adlala kuMotsepe Foundation Championship ukuba anyuke esigabeni esiphezulu uma kuphela isizini ezayo.
Intaka ibekelwe amazolo emjahweni womtelebhelo wamahhashi obizwa ngokuthi iDundee July Horse Racing.
USiyanda Dlamini ongomunye wabaqeqeshi nabasunguli beWexpress Sport Development Academy, ukhala ngokukhula ngesivinini kwale nkulisa ezinze eThekwini.
UPhromotha ofike kwezakala kwezamankomane uDkt Hlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions uthi uzimisele ukulekelela ibhokisa okubukeka sekuphelile ngalo esibhakeleni.