Igxathu lokuqinisa uzinzo embonini yokuthutha umphakathi


Imboni yokuthutha umphakathi ngaphansi kweSouth African National Taxi Council (Santaco) isimemezele ubudlelwane bokusebenzisana namaphoyisa iSAPS njengoba ibineKwaZulu-Natal Taxi Imbizo ngale nyanga yezokuthutha.
Ngalokhu kusebenzisana kulindeleke ukuthi kuqedwe izigameko zodlame lwamatekisi olulokhu lugubuzele isifundazwe kuphinde kukhuthazwe
ukulandelwa komthetho.
Le mbizo ibihanjelwe abemboni yamatekisi beholwa, uMnyango wezokuThutha uholwa uMphathiswa uMnu Sipho Hlomuka, amaphoyisa akwa-SAPS eholwa uJenene Nhlanhla Mkhwanazi nezinhlaka zomphakathi.
Emizamweni yokwenza imboni ibe ngephephile nethembekile, abeSantaco
babuye bethula inombolo yokubika ngezigameko ezenzeka emarenki
nasembonini eziholela ekwenzeni le mboni ibe ngengabuseki ethi 066 166 1911.
UMphathiswa uHlomuka ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uthe, uHulumeni uzibophezele ekusebenzeni nabemboni ekubhekaneni ngqo nomsuka wezimpi embonini.
“Kumqoka ukuba siwuncome umsebenzi asebewenzile njengoba ngike
ngasho ukuthi kwezinye izindawo bakwazile ukugwema ukuchitheka kwegazi kodwa kwaba khona ukubambisana kwalumbaniswa imizila yokusebeza ngaphandle kwezihibe,” kusho uHlomuka. USihlalo weSantaco KwaZulu-Natal
uMnu Boy Zondi uphinde wamemezela ukuthi ngokusebenzisana noMnyango
wezokuThutha, abemboni bazoqala ukuhlolwa kokusebenza kohlelo lokukhokha
ngekhadi ematekisini okulindeleke luqale ukusukela ngoJanuary wonyaka ozayo.