Kudume uMbayimbayi eNkandla kwasala uNxakanxaka
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMelusi Gumede ongujokhi wenjomane ebizwa ngokuthi uMbayimbayi uthi kulo nyaka miningi imiqhudelwano azoyinqoba kungabindaba zalutho.
Lo jokhi usho lokho emveni kokuthi adle umhlanganiso waminyaka yonke obizwa ngokuthi iNkandla May, lo mjaho ubuyizolo eNgwengweni, eNkandla. Unqobe kumjaho omkhulu kweyisi-8 ebikhona ngokuhlukana kwayo.
“Kusukela uqalile lo nyaka le njomane engiyigibelayo iyazinqobela nje imijaho, lokho kushiya umyalezo wokuthi unyaka wezi-2024 kuzoba ngokaMbayimbayi. Ngikhuluma nje kusuka uqalile lo nyaka usunqobe imiqhudelwano eyisi-6” kusho uGamede.
Kuleyo mjaho enqotshwe uMbayimbayi kubalwa owaseLesotho, eyaseMpumalanga emibili naseNewcastle. Izolo uGamede waseMondlo ngaphansi kweSifunda iZululand ugoduke nezinkulungwane ezingama-R30.
Endaweni yesibili kube uZamcolo ogitshelwa uSiyabonga Mabaso ogoduke nezinkulungwane engama-R20 kweyesithathu kwaba u-Amazondo yena ogitshelwa uNeo Gama ohambe nezinkulungwane ezili-R10.
“Benginalo uvalo oluncane izolo njengoba bekungokokuqala ngibhekana noNxakanxaka, kodwa bengazi ukuthi inkabi izoqenqeleza phambili. Abantu abakulindele ukuthi lokhu abakubone izolo kusazokwenzeka,” kubeka uGamede.
Ngokujwayelekile imijaho ibihlezi inqotshwa uyena uNxakanxaka.
UGamede oneminyaka yobudala engama-30 uthe waqala ukugibela amahhashi esemncane kakhulu njengoba uyise enawo alinganiselwa kwangama-22.
IMeya yaseNkandla uMbhekiseni Biyela ube esefeza amaphupho sojokhi basendaweni sokuthola inkunzi yenjomane ezobalekelela kwimijaho emkhulu. Udlulise isheke lezinkulungwane ezingama-R200 lokuthenga lolu hlobo lwehhashi nokuzothuthukisa iNkandla May.
Kulo nyaka bekubekwe imali eyizinkungwane ezingama-R250 ukukomelisa abazowina kwimijaho eyahlukene. Umjaho omkhulu ububekelwe izinkulungwane ezingama-R71.
UBiyela ukhuthaze abantu bendawo ngokubaluleka kokwesekana bodwa nakwezamabhizinisi ukuze bakwazi ukuthuthukisa umnotho wendawo.
Yize indawo yaseNkandla isenezidingo eziningi ezidingekayo ukuthuthisa umnotho kodwa iNkandla May uBiyela uthe sekucacile ukuthi yiyona enezithelo ezinhle nokwenza bafune ukuyikhulisa minyaka yonke.
“Siphezu kwezinhlelo eziningi zokubhekelela abadayisi, abezindawo zokulala, ojokhi, abengqephu namaciko ngoba lo mjaho usunomthamo wabantu abaningi abawuhambelayo. Izivakashi eziningi siyazikhuthaza ukuthi zisebenzise izindawo zokulala eziseNkandla. Umkhakha wezokuvakasha sifuna ukuwuthuthukisa ngoba kuyabonakala nawo unesidingo esikhulu, ikakhulu ngalesi sikhathi sonyaka kuhlangene abantu abaqhamuka nakwezinye izindawo,” usho kanje.