Now Reading
Kuyolamula umnqamulajuqu amaqembu elokhu ekhankasile
Dark Light

Kuyolamula umnqamulajuqu amaqembu elokhu ekhankasile

Amaqembu ezepolitiki kuleli ayaqhubeka nokwenza imicimbi ngenhloso yokudlulisa umyalezo kubantu ukuze bezowavotela ngosuku lokhetho.

Ukhetho lukazwelonke luzokuba mhla zingama-29 kwephezulu, okusho ukuthi zili-12 izinsuku ezisele ngaphambi kwalo usuku olukhulu.

Kusasa ngoMgqibelo iqembu elifike kwezwakala uMkhonto weSizwe (MK) lizobe lethula usomqulu wezethembiso zokhetho. Lo mcimbi uzokuba e-Orlando Stadium, eGoli.

Leli qembu lisematheni njengoba kusakhona umbango ebuholini balo.

Owabhalisa iqembu uMnu uJabulani Khumalo umangalele i-IEC efuna ihoxise owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma kwesokuhola nokumela iqembu.

UMnu uKhumalo noMnu uZuma babengamathe nolimi kodwa manje sebeyinkukhu nempaka emuva kwengxabano. UZuma ngoZibandlela  nyakenye umemezele ukuthi weseka iMK uzoyikhankasela aphinde ayivotele.

Abantu abaningi abaseka leli qembu basuka eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC). Abakufihli ukuthi beseka leli qembu ngoba kunobuso bukaMnu Zuma. 

Njengoba inomcimbi iMK ikhiphe amabhasi ayisikhombisa azosuka KwaMashu elibhekise eGoli mahhala. 

NgeSonto iRise Mzansi okuyiqembu elisungulwe eminyakeni emithathu edlule, kodwa lathulwa ngokusemthethweni nyakenye nayo izoba nomcimbi wokukhankasa. 

See Also

Leli qembu umcimbi walo lizowubambela eRuimsing Stadium, eRooderpoot. 

IRise Mzansi iyona kuphela esifundazweni iKwaZulu-Natal efolosa bgowesifazane kwesokubanga ukuba uNdunankulu wesindazwe, lowo nguNkk Nonkululeko MaHlongwane Mhlongo.

Ngalo iSonto iKing Zwelithini Stadium, kulindeleke ukuthi igcwale phama njengoba iqembu eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP), lizobe linowayo umcimbi. 

Lo mcimbi owokukhumbuza abantu ukuthi iziphi izinguquko ezozenza uma linqoba isifundazwe leli qembu. 

Scroll To Top