Now Reading
Isishingishane sidlule nemiphefumulo sacekela phansi impahla eKZN
Dark Light

Isishingishane sidlule nemiphefumulo sacekela phansi impahla eKZN

+4
View Gallery

Imvula kanye nesiphepho esinamandla sigadle kwezwela ezindaweni eziningi ezisesifundazweni iKwaZulu-Natal.

Izindawo ezibalwayo kulezo ezikhahlamizekile kukhona uThongathi, iseHluhluwe kwaNibela, iseNquthu naseMpangeni ukubalwa ezimbalwa.

Ezakheni, eNquthu kudlule emhlambeni wesilisa igama lakhe okunguMnu uMandla Sithole, ushonele endlini yakhe emva kokuba ecindezelwe udonga.

ElaboHlanga likhulume noNkosikazi wakhe uNkk uSibongile Sithole nothe okumehlakalele kuyinto angasoze ayikhohlwa impilo yakhe yonke. 

Elandisela elaboHlanga ngokwenzakalile uthe: “UBaba ubesendlini adayisela kuyona, ube eseza endlini yethu egijima eqalaza kubonakala ukuthi khona into ayibukayo. Ngithe ngiphakamisa ikhanda ngoba bengiphethe ingane ngizwe ngishawa amatshe emvula, ngabona sekuvulekile phezulu. Ngithathe ingane ngaphuma nayo indlu yawohloka ngibe sengiqalaza umyeni wami ngabona ukuthi usembozwe udongwa ngithe ngiyazama ukumdonsa ngahluleka, ngibe sengimemeza abanye abakwamanye amagumbi ngoba bese kunzima nokuphuma isimo ngendlela ebesiyiso. Uma efika amadoda emkhipha ubesethule,” kubeka uNkk uSithole ovele wahluleka ukuzibamba wakhihla eseNdlovukazi uNandi. 

Kulo muzi wakwaSithole izindlu eziyisikhombisa zilimale kanzima, engcono ilena akade edayisela kuyona uMnu uSithole.

“Kunzima ukwamukela into engiyibonile isithombe angisiboni sisuka emehlweni ami. Ngangazi ukuthi umyeni wami uzofa kabuhlungu kanjena, bengifisa ukuthi benginawo amandla okumhlenga kodwa ngihlulekile,” kubeka uNkk uSithole ovele wabe esehluleka ukukhuluma ngenxa yokuzwela ubuhlungu ubelokhu ekhale njalo.

EJabavu naseHlathi Dam imizi eminingi icekeleke phansi. Imigwaqo yavaleka kwahamba nogesi njengoba ezindaweni eziningi bekuwa izihlahla zigqashule izintambo zikagesi.

Ezindaweni zaseMsinga lapho kubalwa KwaNzimane, Othame naseZingulubeni imizi ebalelwa kwengama-30 icekeleke phansi.

See Also

Othame , eShiyane kucekeleke phansi ngisho isikole esibizwa nge-Oscasberg School ihhovisi likathishanhloko, igumbi lothisha kanye namagumbi okufundela ayisikhombisa acekeleke phansi. Kube sekulimala ne-Art Centre.

Ithimba lezinhlekelele lisebenze laze lashona elangoMsombuluko nayizolo ukuba lihlonze imindeni elinyalelwe.

IMeya yeSifunda uMzinyathi u-Ald PMS Ngubane udlulise amazwi enduduzo kulo mndeni olahlekelwe ilunga lawo okunguMnu uSithole. Ube esethumela ithimba lezezinhlekelele kuMasipala ukuba lihambise izipontshi nezingubo zokulala nokudla kulo mndeni. Okuzothi uma umndeni usunqumile usuku lokuthi uzobekwa nini bese ebona ukuthi bangalekelelwa kanjani. 

“Sibuhlungu kakhulu ngalesi sehlo njengoba naseMsinga kubhujiwe kwawa imizi yabantu ekubeni kasikapholi ngokwenzeka eSibongile eDundee kumuka imizi yabantu ngenxa yalezi zimvula. Okukhathaza nakakhulu wukuthi lezi zimvula sezifika noma yinini kanti bekungavamisile ukuthi sibe neziphepho ebusika,” kusho uMeya.

Scroll To Top