UMphemba ukhala ngokusenga ezimithiyo uma kukhankaswa



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uThamisanqa Ntuli, ukhwele wadilika kuNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko esifundazweni, uDkt uNtuthuko Mahlaba emsola ngokwenza isikhangiso esiyimfundisoze nesihubhuza amanga okuthi nguHulumeni weqembu le-African National Congress (ANC) owakha inkundla iMoses Mabhida, eseThekwini.
UMnu uNtuli noqokwe yiqembu lakhe ukuba abe nguNdunankulu wesifundazwe linqoba ukhetho oluzokuba ngomhla zingama-29 kuNhlaba.
Lokhu uMnu uNtuli ophinde abe iMeya yeSifunda iKing Cetshwayo noSihlalo kaSalga ukusho izolo ngoLwesine, lapho kade eseTholakele Dumbe eqhuba ukukhankasa okwenziwa yiwo wonke amaqembu epolitiki kuleli.
“UDkt uMahlaba sinobudlelwano obuhle kakhulu naye kodwa ngizwa ngiphoxeka uma ezohubhuza amanga aluhlaza kubantu bakithi ngokuthi i-ANC yakha iMoses Mabhida Stadium. Le nkundla yakhiwa ngoba kwakuzoba neNdebe YoMhlaba yangowezi-2010. Abantu abakhankase ngeqiniso ayi ngamanga,” kusho uMnu uNtuli.
Uthe okuhle ukuthi abantu bayalazi iqiniso ngeke bekhohliseka kalula, waphinde wayala abantu ukuthi bengadlali laboNgqongqoshe abalokhu bezphendula amasoyi ngoba sekusele izinsukwana ngaphambi kokuthi kuvotwe.
“Kungiphatha kabi ukuthi uMkhandlu waseDumbe usele ngaphandle wona kubo bonke oMasipala baseZululand abaphethwe i-IFP. Leli ithuba lesibili lokuba ngizoxoxisana nani bantu bakithi ukuba nizozikhulula emaketangweni obubha. Lo nyaka ngiwufanisa nowe-1994 lapho sasiyovota khona siyozikhipha emaketangweni, nangomhla zingama-29 ngiyacela niyovota niziqaqe kuwona,” kubeka uMnu uNtuli.
Maphakathi nesonto uMphemba (AbakwaNtuli) uhambele oMasipala ababili baseKing Cetshwayo lapho ethula khona uhlahlo lwezimali zonyaka wezi-2024/25.
Uveze ukuthi babeke imali elinganiselwa ezigidigidini ezingu-R1.4 ozobhekelela izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda yamanzi, izindlu zangasese nokuthuthukisa osomabhizinisi, ukulungiswa kwendlu okuzohlanganyela khona aMakhosi aseKing Cetshwayo.