Uthi uselinde ukukikiliga kweqhude koweComrades
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNkosikhona “Pitbull” Mhlakwana igama leli lingasali kubasubathi uma kubalwa abasubathi abaqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abangenza kahle emjahweni weComrades Marathon.
Lo mjaho waminyaka yonke uzokuba ngeSonto nalapho uzobe usuka eThekwini, kusukela ligamenxe elesihlanu ekuseni kuze kuba ele-17:30.
UMhlakwana odabuka KwaMathandubisi, eHowick, uzoyigijima okwesine iComrades Marathon nonyaka. Uzoyigimq okwesibili uma inyuka, wayigijima kabili yehla.
Ngowezi-2019 eyigijima okokuqala walala endaweni ye-11 isuka eThekwini iay eMgungundlovu, ngowezi-2022 waphuma endaweni yesithupha (5:43.28) nyakenye uphume endaweni ye-12.
“Ngiqala ukugijima iComrades Marathon kwabe kuwunyaka wezi-2019 yayinyukela, kodwa ngakwazi ukuqeda endaweni ye-11. Ngiyakwazi okwangenza ngingaqedi endaweni ye-10. Kwathi sekusele ibanga lika-500m, kwaba nzima ngoba ngasengibambeka. Kulokhu ngizimise ukuwuqeda ngendlela efanele umjaho. Iphupho lami ukuqeda kwibalwa nabali-10 abaqede phambili” kusho uMhlakwana.
Uthe ufisa ukwenza isikhathi esingaphansi kwamahora amahlanu nemizuzu engama-53 (5:53).
ElaboHlanga limbuza ngamalungiselelo uthe: “Ngiqale ukuzilungiselela ngoZibandlela nyakenye, indlela esabe sihlele ngayo nomqeqeshi kanye nabaphathi kwenzeka ngayo. Angiyanga kuTotalsport Two Oceans Marathon ngoba ngizilungiselela yona iComrades Marathon. Ngibe sengiya eLesotho ukuyogijima ezintabeni zakhona. Besilekelelana noLekhotla Pulinyane waseLesotho, uBongumusa Mthembu noMakwande Mncwengi,” kubeka uMhlakwana ogijima ngaphansi kweHollywoodbets Athletic Club (AC).
Le nyamazane ithe ibonga umqeqeshi wayo uProdigal Khumalo, ikilabhu egijima ngaphansi kwayo iHollywoodbets AC nabaxhasi bayo okuyibo abadlala indima enkulu ekutheni ehlezi enza kahle.
Omunye umsubathi oqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal obhekwe ukuthi enze kahle uJenet Mbhele weXcel Running Club. Nyakenye le ntokazi ibiqala ukugijima iComrades Marathon yabalwa nabasubathi abali-10 abaqeda kuqala.
Izindaba ezijabulisayo kubasubathi ukuthi imali yengqwele inyukile. Lokho kwenzeke emva kokuthola abaxhasi bakwaCell C.
IComrades Marathon Association (CMA) imemezele ukuthi izinqwele sezizohlomula nezinkulungwane ezingama-R825 kubo bobubili ubulili, umsubathi ozokwephula irekhodi uzothola izinkulungwane ezingama-R500.
UMhlakwana uthe ugcine emasontweni amabili edlule ukujima ngendlela eqinile manje usevuka ekuseni azilulele umzimba, uselindele iSonto.