Now Reading
Abephume ngezinkani amaqembu epolitiki enxenxa abavoti
Dark Light

Abephume ngezinkani amaqembu epolitiki enxenxa abavoti

Amaqembu ezepolitiki aqhubekile nokuqinisa imikhankaso yawo, kwazise sekubalwa izinsuku ezingaphansi kwezili-10 ngaphambi kokhetho lukazwelonke. 

Kule mpelasonto edlule amaqembu epolitiki ngokuhlukana kwawo abe nemcimbi ezindaweni ezehlukene ngenhloso yokuqhuba wona umkhankaso. 

Iqembu elisha uMkhonto Wesizwe (MK) belinomcimbi e-Orlando Stadium, eGoli, bekunongabazane ukuthi ngabe leli qembu lizokwazi yini ukugcwalisa lenkundla.

Kuyaziwa ukuthi leli qembu linabalandeli abaningi esifundazweni iKwaZulu-Natal, njengoba libunjwe kuso lesi sifundazwe. Nembala inkundla igcwale phama.

Okugqamile enkulumweni kaMnu uJacob Zuma okunguye obethula izethembiso zokhetho uthe iMK uma inqoba ukhetho bazobuyisa isithunzi saMakhosi okubukeka engasahloniphekile. 

“AMakhosi kufanele abe namandla  okuthatha izinqumo lezi ayezithatha ngesikhathi seLembe. Uma ubheka kahle ngisho ikhansela linamandla adlula aweNkosi, yisimanga leso kasikwazi ukuvumela lokho,” kusho uMnu Zuma. 

Iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ibitheleke eThekwini njengoba uMengameli walo uMnu uCryil Ramaphosa echithe izinsuku ezintathu ehambele izifunda ezintathu iTheku, iMoses Mabhida, iNkosi Bhambatha neGeneral Gizenga Mpanza. 

UMnu uRamaphosa kwezinye yezinkulumo zakhe uthe laba abacabanga ukuthi bazothatha isifundazwe iKwaZulu-Natal bayaziphuphela nje. 

Inkatha Freedom Party (IFP) ibe nomcimbi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo okade kuyisikhulumi sosuku uMnu uThami Ntuli ogaqedele esokuba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal. 

See Also

UMnu uNtuli uthe okumnandi abantu sebevulekile amehlo, ngeke bedlale la maqembu abakhumbula ngoba sekusondele ukhetho kuze kuthunyelwe noNgqongqoshe imbala bezobatshela amaphupho.

Iqembu elingenele ukhetho lukazwelonke okokuqala iRise Mzansi lisingethe irali yokugcina ngaphambi kokhetho eRuimsig Stadium, eRoodepoort, eGauteng, lapho linxenxa khona amavoti.

UMnu uZwakele Mngcwango we-ActionSA ubehambele KwaDukuza ngoMgqibelo izolo ngeSonto waya Olundi. 

I-Economic Freedom Fighters (EFF) ibiseMgungundlovu naseMajuba (eNewcastle).

Scroll To Top