Now Reading
UMgabadeli uthi impumelelo isemahlombe eqembu
Dark Light

UMgabadeli uthi impumelelo isemahlombe eqembu

Insephe Football Club (FC) elinye lamaqembu abhekiwe ukuthi lingakhala lemuke nomqhudelwano waminyaka yonke iKhabba Cup. 

Lo mqhudelwano owenziwe uManqoba “Chillies” Mkhize uzoqala kusasa ngoMgqibelo usongwe ngeSonto.

Nyakenye Insephe zahlulwa kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi zihlulwa iBizana FC. 

ElaboHlanga likhulume nomqeqeshi uThami “Fohloza” Dladla ovumile ukuthi inkulu kakhulu ingcindezi kubona kwazise ngeledlule banqobe iSE Sithole Pinetown Youth Tournament ekade inamaqembu amaningi azoba yingxenye yayo iKhabba Cup.

“Ukunqoba kwethu ngeledlule kusifakela ingcindezi ukuthi nakule mpelasonto senze kahle, ngoba wonke amaqembu azoza kuthina enokuthula ngalencwadi esiyibhalile. Nyakenye sahlulwa kowamanqamu kuyona iKhabba Cup kulokhu sifuna ukuyinqoba nakanjani” kusho uDladla.

Leli qembu liphethe abadlali abanohlonze kakhulu lapho kubalwa uSibusiso “Mado” Khumalo, uPhilani Zulu noSiphelele “Stash” Ntshangase bodumo kwiKaizer Chiefs, uMenzi “Deco” Chilli ovalele amagoli ayi-8 kwiMotsepe Foundation Championship edlala kwiMilford FC noTshepo Liphoko okhulele kwinkulisa ye-Orlando Pirates wadlala kwiRoyal Eagles neRichards ukubala abambalwa. 

Insephe FC sezisuse omkhulu umsindo kuthiwa azingabe zisafakwa kwimiqhudelwano ngoba zidlala ngabadlali abadlala nabaseke badlala kwi-PSL.

See Also

“Uma ungaphika nabantu ngeke wenze lutho emhlabeni. Abantu wenza kahle bayagxeka wenza kabi bayagxeka . Thina soqhubeka senze kahle ngokujwayelekile, laba abagxekayo ibona abasikhuthaza kakhulu. Uma ufake imali ujoyina imiqhudelwano uthatha abadlali onesiqiniseko ukuthi bazokunqobela, nabo banalo ilungelo lokwenza njalo” kusho uDladla. 

Amanye amaqembu abhekiwe kukhona iBizana FC, iTwo for Joy, iSinenkani, iDlangezwe Hellenic neDream Team ukubala ambalwa. 

Iqembu elizodla umhlanganiso lizogoduka nesamba sezinkulungwane ezili-R120, kuthi elizolala endaweni yesibili ligoduke nezinkulungwane ezngama-R50. 

Scroll To Top