Now Reading
Ngeke siyeke ukusebenzela abantu bakithi – Mdaka
Dark Light

Ngeke siyeke ukusebenzela abantu bakithi – Mdaka

Ivalwe ngenhlokomo imijikelezo yeMeya yesifunda uMkhanyakude uMnuz uSphile Mdaka, nalapho ahambele bonke oMasipala ngenhloso yokwethula isabelo mali kumalunga omphakathi.

Lo mcimbi ubungoLwesihlanu eKhula Nomathiya Hall, kuWadi 3 eMtubatuba, nalapho amalunga omphakathi abegcwele phama.

NgoLwesine uMnuz uMdaka ongaphansi kweqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) uqale eLabasuswa Hall, endaweni yaseMnqobokazi ngaphansi kwaMasipala iBig Five.

Ngaphansi koMkhanyakude kukhona oMasipala okubalwa uMtubatuba, uMhlabuyalingana, iJozini, iBig Five neHlabisa.

“Sisezinhlelweni ezinkulu kakhulu esesiziqalile ukuzenza, lapho sinxenxa khona iminyango kaHulumeni ukuletha amathuba omsebenzi kuphindwe kuqeqeshwe amalunga omphakathi ngamakhono. Iqiniso ukuthi amathuba emisebenzi, ukuqeqesha abantu bakithi kakhulukazi intsha kuzosiza kakhulu ukuba ikwazi ukuziphilisa ngaphandle kokuqashwa” kusho uMnuz uMdaka

Lo mcimbi ngokukhethekile ubuhanjelwe iNduna yeNkosi uSithole, uSomlomo woMkhandlu uCllr Mkhondo, nguSotshwebhu uSiyabonga Khumalo okunguye obephethe uhlelo bese kuba amakhansela ngokuhlukana kwamaWadi.

See Also

“Laba abazothola ithuba lokuqeqeshwa bazobe sebenikezwa imali yokiba begibele kanye nokudla ngasosonke isikhathi. Nalabo abaneziqu kodwa abangakayitholi imisebenzi sizobalekelela ngoqeqesha lweqophelo eliphezulu” kubeka uMnuz uMdaka.

Akagcina lapho uMnuz uMdaka kodwa uphinde wanikelela ngesheke lezinkulungwane eli-R15, kwisikole sasendaweni esibizwa ngokuthi iSilethukukhanya High School.

Uphinde wabalula ukuthi basazoqhubeka nokulwa nendaba yamanzi njengoba befuna wonke umunti abe namanzi awakha egcekeni.

Scroll To Top