Abagila iChiefs emizaweni yokubalekela izembe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USiphamandla Hleza ongunozinti weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC uthi bayayiqonda ingcindezi ababhekene nayo kule midlalo yeligi ebasalele.
IMilford FC isalelwe imidlalo emithathu ngaphambi kokuthi kusongwe isizini ka-2023/24 yeMotsepe Foundation Championship.
Kule midlalo esele kukhona oweMagesi neVenda Football Academy abazoyidlala ekuhambeni, bese owokugcina bebhekana nePretoria Callies ekhaya.
“Uma ubuka womathathu la maqembu ayawadinga amaphuzu aphelele. NgeSonto njengoba sizoya kodlala neMagesi izofuna ukunqoba, ngoba ukunqoba kwayo kobe kuyisondeza ekuthenini inyukele kwiDStv Premiership ngesizini ezayo. IVenda yona ihlezi emsileni eyayoke icace kakhulu, nePretoria Callies iyobe ifuna ukuqeda isizini ngokunqoba. Kodwa-ke okuzosisiza ukuthi sithathe umdlalo ngawodwana, lokho kusisizile kakhulu kusukela kuqale isizini,” kusho uHleza.
IMilford FC ihlezi endaweni ye-12 ngamaphuzu angama-31 emveni kwemidlalo engama-27.
Umlando uveza ukuthi uma iqembu selifike emaphuzwini angama-30 kuyaphezulu, kuba kancane lidliwe izembe kuMotsepe Foundation Championship.
“Uma ubheka ezansi sishiyana ngephuzu elilodwa okanye amabili, lokho kusho ukuthi asikasindi ezembeni. Kodwa-ke ngingasho ngithi likhona ithuba lokuthi sizosinda ezembeni. Konke kulele kithina ekutheni senze kahle kule midlalo esele,” usho kanje uHleza.
Kusukela endaweni ye-10 kuya kweye-15 amaqembu awashiyani kakhulu ngamaphuzu. Kweye-10 kunePretoria Callies enamaphuzu angama-33, iBlack Leopards (33), iMilford FC (31), iMM Platinum (31), iMarumo Gallants (30) kube iVenda (28). Emsileni kuhlezi iPlatinum City Rovers ngamaphuzu angama-24.
NgoLwesithathu iMilford FC ihlule iCasric Stars ngamagoli amane kwamathathu emdlalweni obunzima kakhulu.
UHleza uthe amaphuzu amathathu abawathole kade belandela ngamagoli amathathu kwelilodwa abakhuthaze ngendlela engachazeki.
Lo nozinti oqale isizini elimele usevimbe emidlalweni eli-19 yeligi nemithathu yeNedbank Cup lapho aqala ukwaziwa iNingizimu Afrika yonke. Wageza ubebe iKaizer Chiefs nabagcina beyiwashisa ijezi.
Ebuzwa ElaboHlanga ukuthi yabangakanani ingcindezi nanokuthi awekho yini amaqembu amshela uthe: “Ayibanga khona ingcindezi kodwa kwangikhuthaza ukuthi ngenze kahle, ngoba abantu baqala banginaka. Ngabe ngiqamba amanga akukho engiseke ngakuzwa,” kubeka uHleza.
Leli qembu likaDkt Xanti Pupuma kuke kwaba namahebezi okuthi abadlali abaholi, nezinye izinkinga.
Ephawula uHleza ngalokho uthe: “Alikho isoka elingenasici, yize zikhona izinkinga kodwa singabadlali sithe sizodlalela ibheji kanye nezibongo ezibhalwe ngemumva ejezini. Ngoba asazi ukuthi ubani osibukayo,” kuchaza uHleza.
Esonga uncome abadlali beqembu iningi labo ekade liqala ukudlala kuMotsepe Foundation Championship besuka ku-ABC Motsepe League, kodwa babukeka belisindisa iqembu.
Nothe ngesizini ezayo uma besinda bazobe bebanga ukunyukela kwiDStv Premiership.