Emasontweni amabili izakhamuzi ziyokwahlulela ngevoti
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Zili-14 izinsuku ezisele ngaphambi “kosuku olukhulu”, okungusuku lapho abantu balapha eNingizimu Afrika beyobe begcwele zonke izikhungo zokuvota beyovota.
Ngokujwayelekile kuke kuthi uma sekusele izinsuku ezincane kanje kube ukuthi kuyacaca ukuthi iliphi iqembu lezepolitiki elizonqoba isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Eminyakeni eminingi lesi sifundazwe besiphethwe i-African National Congress (ANC) okuyiqembu elibusayo. Kodwa kulokhu kubukeka i-ANC izosibuyisa kanzima isifundazwe.
Ngokwezibalo zakwa-IEC isifundazwe iKwaZulu-Natal isendaweni yesibili ngokwezibalo zabantu ababhalisele ukuvota kulolu khetho oluzokuba mhla zingama-29 kwephezulu.
Izibalo zivela ukuthi bayizi-5 727 152, isifundazwe esinabantu abaningi iGauteng ngezi-6 530 956.
Okuyimbangela enkulu yalokho ukusunguleka kweqembu elibizwa ngokuthi uMkhonto weSizwe (MK), elifolosa ngalowo oseke waba nguMengameli wezwe iminyaka eyisi-9 uMnu uJacob Zuma.
Kungephikiswe ukuthi uMnuz uZuma baningi abantu abazifelayo ngaye, okuwubufakazi balokho abantu abaningi basukile ku-ANC bawelela kuyona iMK.
Ngisho nosopolitiki abanamagama nabo babonakalile nsuku zaphuma bejoyina iMK, ngenxa yokulandela uMnu uZuma.
Okosiza iqembu leMK ukuthi libambisane kulezi zinsuku, kwazise phambilini kuke kwaba nokungazwani kubona abaholi.
Ukuba khona ubuso bukaMnu uZuma ingakhona okungaweza leli qembu ukuthi lidlise ogageni amaqembu amaningi.
Okunye ukuthi iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) nayo ayizibekile phansi njengoba kubukeka ithathe izinhliziyo zabantu eziningi.
Ngisho abahlaziyi bayakubalula ukuthi leli qembu elasungulwa uMntwana waKwaPhindangene uButhelezi eminyakeni engama-49 edlule, lingasinqoba isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Kukancane uma ungena ezinkundleni zokuxhumana ungaboni kukhulunywa nge-IFP nobuholi bayo.
Leli qembu lifolosa ngoMnu uThamisanqa Ntuli okothi uma linqoba bese eba nguNdunankulu wesifundazwe.
Akhona namanye amaqembu azodlisela ogageni i-ANC lapho kubalwa iDemocratic Alliance (DA) ne-Economic Freedom Fighters (EFF).
IDA efolosa ngoMnu uChristopher “Chris” Pappas, kuyaziwa ukuthi lapha KwaZulu-Natal ihlezi isembangweni emaqenjini aphikisayo. Nasemicimbini yayo kuyatshengisa ukuthi nayo izoba nawo amavoti amaningi.
Akhona namanye amaqembu afana njengoRise Mzansi ne-ActionSA azonciphisa isibalo sabantu abazovotela i-ANC.