Now Reading
Imvula nemithelela emibi oPhongola
Dark Light

Imvula nemithelela emibi oPhongola

Ibamba leMeya lasoPhongola uMnu Bheki Thwala ukhala ngemvula ebabuyisela emuva njengoba njalo uma inile ishiya imigwaqo ilimele.

UMnu uThwala utshele elaboHlanga  lokhu  ngesikhathi kunohlelo lwentuthuko edidiyelwe kanye nombukiso wesabelomali eSthambi Sports Field, kuWadi 7. 

Ubalule ukuthi ufisa uMasipala uPhongola lufane nendawo esadolobha ingabi indawo engamakhaya ungunaphakade. 

“Siyakuqonda ukuthi imvula iyimvelo eqhamuka kuNkulunkulu kodwa iqiniso iyasilimaza kakhulu, uma izonetha ngamandla. Ibulala imigwaqo, ngikhuluma nje imbobombobo. Iyona into esiyibeke eqhulwini ekutheni siyilungise ingakho imali eningi izoya khona,” kusho uMnu uThwala. 

UMnu uThwala uqhube wathi sebeyibonile imigwaqo ecekeleke phansi futhi izolungiswa yonke, kweminye sebeqalile osonkontileka nokuyilungisa. 

“Thina singabaMakhosi ngaphambi kokuba sithathe izinqumo ngezinto esizozenza saqala kuwona ukuwezwa ukuthi ikuphi lapho abafisa ukulekelelwa khona. Iqiniso ukuthi okwethu njenyeziMeya kuyaphela okoBukhosi kunganaphakade, ingakho nawo siwabeka phambili ngaso sonke isikhathi. Sinesabelomali sezigidi ezingama-R358 sonyaka wezimali ka-2024/25,” kubeka uMnu Thwala. 

See Also

Ezinye izinto lenkece ezosebenza kuzona izinkundla zezemidlalo, ukulungiswa kwendlela yokusabalala kwamanzi, ukwakhiwa kwemitapo yolwazi eli-12, kulungiswe izikole, kwakhiwe izindlu nenxanxathela yezitolo ezovula amathuba emisebenzi. 

Isakhamuzi, uNks uNokuphila Biyela (43) uthe bathwala kanzima uma linetha ngoba imigwaqo yonakala kanti eminye iyingozi.

“Siyayibona ilungiswa imigwaqo lokho kusinikeza ithemba lokuthi kuzogcina kuhambeka kahle kuzona zonke izindawo. Siyafisa ukuthi imvula noma inetha kodwa ingasimosheli imigwaqo ngoba sesiside isikhathi siphila lempilo,” kusho uNks uNokuphila.

Scroll To Top