Now Reading
ZOLALA IZINSIZWA: Ayisoze yabuna imbali yakwaThobela
Dark Light

ZOLALA IZINSIZWA: Ayisoze yabuna imbali yakwaThobela

Abathandi bezemidlalo kakhulukazi ezamankomane baliqale kabi isonto njengoba laphela usuku langoMsombuluko, ngezindaba ezishaqisayo zokuthi nebala akasekho emhlabeni uDingaan Bongane “The Rose of Soweto” Thobela.

UThobela utholakale esethule efulethini lakhe eliseLanglaagte, eGoli. 

Lezi zindaba zishiye isililo esikhulu kwazise uThobela waliphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika, eshaya isibhakela esinenkosi phakathi. 

Abantu abadala bayasho ukuthi uma kuthiwa uzolwa ebusuku kwakuhlalwa kulindwe impi yakhe, kwakungabi aboHlanga kuphela kodwa nalaba bebala elimhlophe babehlala bembuke uma enqobile bemhalalisele. 

Ungomunye wabambalwa emhlabeni ukuthi aphathe amabhande ahlonishwayo emhlabeni lapho kubalwa eleWorld Boxing Association (WBA) Lightweight neleWorld Boxing Council (WBC) Super Middleweight. 

ElaboHlanga likhulume nalowo owaba ngowokuqala lapha eNingizimu Afrika ukuphatha ibhande leWBC Super-Middleweight uThulani “Sugar Boy” Malinga emva kokungqimuza uNigel “Dark Destroyer” Benn eNgilandi ngowe-1996. 

UMalinga uthe kubuhlungu ngoba akukho okuseke kwenziwa uHulumeni ukuhlonipha imisebenzi kaThobela, kodwa ngoba engasekho emhlabeni bazoshaya engathi bazwelana nomndeni wakhe. 

“Okokuqala ukudlula emhlabeni kube into ezumile ngoba bengisanda kukhuluma naye konke kulungile. Kodwa-ke ngeke sagxeka uNkulunkulu ngoba sike sithi muhle ngazo zonke izikhathi. Okubuhlungu kunakho konke ukuthi umfowethu laba bantu bakaHulumeni sebezoqala beshaye engathi imisebenzi yakhe bayayithakasela, ngoba befuna ukudla izimali. Thina siliphakamisile ifulegi laseNingizimu Afrika, kodwa nje ngathi asikaze senza lutho,” kusho uMalinga.

UMalinga ubalule ukuthi waqala ukwazi uThobela ngesikhathi  beziqeqesha ndawonye nalapho babeqeqeshwa khona u-Elias Tshabalala noNorman Hlabane. 

“Sasizwana kakhulu noThobela, eya ukuyolwa impi yakhe yokuqala phesheya kwezilwandle wayehamba nami. Ngaphambi kokuthi ayolwa impi yeWBC nayinqoba ngingabanye abamkhuthaza ukuthi ikuphi okumele akwenze kwazise ngangiseke ngaliphatha lelo bhande,” kubeka uMalinga othe ufisa kube khona ibhande elizoqanjwa ngaye uThobela. 

Uthe akekho usomankomane ambonayo ukuthi lofika ezingeni likaThobela, kulawa akhona manje. 

“Thina sasilwa ngaphansi kwencindezi, sasazi ukuthi uma silwa bangakanani abantu abasibhekile. Izinga lesibhakela manje lehlile kakhulu, ingakho ngingamboni umuntu ongafika kuThobela. Kwenzeka lokho nje namuhla kukhona yonke into, indlela yokuziqeqesha iseqophelweni eliphezulu kodwa lutho ithalente,” ubeke kanje uMalinga. 

Akukapheli isikhathi esingakanani kudlule emhlabeni uJoseph “Smokin Joe” Makaringe owaba ngumpetha weSA Welterweight.

See Also

UMakaringe waseGiyani wadlula emhlabeni esesibhedlela iCharlotte Maxeke Hospital, eGoli ngemva kokugula. 

Abanye ababhonge emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaThobela:

UDkt uHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions, uthi: “Kubuhlungu kakhulu, ungomunye wabantu esasikulangazelela ukumbona elwa ngoba sasazi ukuthi uzosibukisa isibhakela esinenkosi phakathi. Impi yakhe yangowezi-2000 eyabe iseCarnival City elwa noGlen Catley angisoze ngayikhohlwa ngoba ngangikhona nalapho anqoba khona ngomnqimuzo womlalisa phansi (Knockout). Ngiyajabula ithuba engalithola ngibe seduze kwakhe,” kusho uDladla.

UZizi Kodwa onguNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, ubeka kanje: “UThobela wathatha izinhliziyo zabantu balapha eNingizimu Afrika. Walwa izimpi ezingasoze zalibaleka, njengalapjo elwa noTony Lopez nalapho ayelwa khona noCatley. Amagalelo akhe agqugquzele abanye ompetha bangomso abaqhamuka eSoweto, eMdantsane, eThohoyandou nakwezinye izindawo”. 

Baningi abanye abakhihla eseNdlovukazi uNandi ngokudlula emhlabeni kwaleli qhawe. Belingakaphumi usuku azobekwa ngalo endaweni yakhe yokugcina. 

Umlando omncane kaThobela:

  • Uzalwe mhla zingama-24 kuMandulo ngowe-1966 udlule emhlabeni zingama-29 kuNdasa nonyaka. 
  • Wayelwa ngesandla sokunxele.
  • Wangena esibhakeleni esikhokhelayo ngowe-1986 walwa noQuinton Ryan e-Eldorado Park, wanqoba ngamaphuzu. Kweyokugcina yaba ngowezi-2006 walwa noSoon Botes eWembley Indoor Arena eGoli, nalapho athola khona induku. 
  • Ulwe izimpi ezingama-56 wanqoba ezingama-40, wehlulwa kwezili-14 wadlala ngokulingana kwezimbili. 
  • Ushiye emhlabeni izingane ezimbili uNtombi noDingaan Jr. 
  • Unencwadi yakhe isihloko sayo esithi: Rose of Soweto-The Dingaan Thobela Story. 
  • Igama elithi The Rose of Soweto, laqhamuka njengoba wayethi uma ezolwa anikeze abesimame izimbali. 
Scroll To Top