Now Reading
Ayibheki emuva iKhabba Cup
Dark Light

Ayibheki emuva iKhabba Cup

Kuqinisiwe makuthiwa asikho isikhathi esingafiki, nale mpelasonto okade kukhulunywa ngaye kuzona zonke izindawo eThekwini isifikile. 

Lena impelasonto yomqhudelwano othathwa njengomkhulu ayi eThekwini kuphela kodwa kuso sonke isifundazwe iKwaZulu-Natal. Lowo mqhudelwano waziwa ngokuthi iKhabba Cup. 

IKhabba Cup isungulwe ngonyaka wezi-2022 okusho ukuthi nonyaka izodlalwa okwesithathu. 

Umsunguli walo mqhudelwano uManqoba Mkhize ekhuluma nelaboHlanga uthe isasa lalo mqhudelwano likhulu kakhulu.

“Okwenzeke nyakenye ngeke kufane nokuzokweka kulo nyaka lokho kusho ukuthi lizoba likhulu kakhulu izinga leKhabba Cup nonyaka. Ngikhuluma nje kukhona abantu abagcina ukubona izinto ezazenzeka kulo mqhudelwano ezinkundleni zokuxhumana, nonyaka bathe bafuka ukuwuthamela nakanjani. Amaqembu amanye azibekisela indawo kuqala ngenhloso yokuthi abengafuni ukuphuthelwa ukudlala iKhabba Cup,” kubeka uMkhize.

Nonyaka iqembu elizoba ngompetha lizogoduka nesamba sezinkulungwane ezili-R120 elizolala endaweni yesibili lona lizogoduka nezingama-R50. Ngonyaka wezi-2022 iKhabba Cup yanqotshwa iSinenkani FC nyakenye inqotshwe iBizana FC. 

“Ngikhuluma nje zizobe zikhona izinhloli zawowonke amaqembu alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal adlala kuPremier Soccer League (PSL). Isekela mqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi nabeJDR Stars bazobe bekhona nabo bezohlola ikhono elihlezi likhona minyaka yonke,” kubeka uMkhize wodumo kuLamontville Golden Arrows kanye neKaizer Chiefs. 

Kunabadlali abadlala kuPSL ababonakale kulo mqhudelwano okubalwa uLungelo Nguse odlala kwi-Arrows, uSamkelo Fumaniso noSiphamandla Gwele abadlalela iJDR Stars, uYanela Mbuthuma yena okwiRichards Bay FC. 

See Also

Kuzophinde kukonyeliswe abadlali abenze kahle kanye nomqeqeshi ovelele.

Ngaphambi komdlalo wamanqamu kuzovulela ngeKZN Legends ezobhekana neManqoba Invitation. 

Izinkundla ezizosetshenziswa iSJ Smith (Wema) iGlebe, iKing Zwelithini Stadium Outerfield neKing Zwelithini Stadium Hockey. 

Imidlalo izoqala ngehora lesi-8 ekuseni kusasa izophelela eKing Zwelithini Stadium ngeSonto lapho umdlalo wamanqamu uzoqala ngehora lesithathu ntambama.

Scroll To Top