Now Reading
Ngabe kuzoya ngamagama enkehli emjahweni waseNkandla
Dark Light

Ngabe kuzoya ngamagama enkehli emjahweni waseNkandla

USphamandla Gama ongumgibeli wenjomane edume iNingizimu Afrika elaziwa ngokuthi iNxakanxaka uthi nakulo nyaka izophinde yenze njengoba ihlezi yenza minyaka yonke. 

Lo mjaho waminyaka yonke uzokuba kusasa ngoMgqibelo kusukela ngehora lesi-9 ekuseni, uzobanjelwa oNgwengweni eNkandla. Namuhla ngoLwesihlanu kuzoba nonobuhle wakhona eNkandla ngaphansi kweSifunda iKing Cetshwayo, uzokuba seNkandla Indoor Sport Centre kusukela ngehora le-18:00 kusihlwa. Abazohambela lo mjaho kusasa kuzoba khona idili lo mculo. 

Nonyaka ozodla umhlanganiso kumjaho omkhulu uzogoduka nezinkulungwane ezingama-R30, isibili ezingama-R20 kuthi olele isithathu ezili-R10.

“Lokhu okwenziwe iNxakanxaka minyaka yonke nakulo uzophinde akwenze, lokho angikungabazi nakancane,” kusho uGama ngamafushane.

ElaboHlanga limbuza ukuthi akaboni yini ezinye izinjomane ezifana no-Alpha & Omega, Indidane, iComputer namanye ezoma endleleni kaNxakanxaka uthe: “Ziningi izinjomane ezihlezi ziza kwimijaho zinethemba lokuthi zizoqeda kuqala kuneNxakanxaka kodwa zibuyele emumva zikhala. Nakulokhu zizobe zilandela ngemumva, zonke lezi ezinye zilwela ukuqeda endaweni yesibili. Noma kuthiwa kuyenzeka, ayoba mancane amathuba” kusho uGama. 

Le njomane inomlando wokunqoba imiqhudelwano eminingi okubalwa iDundee July, iKing Cetshwayo June neHarry Gwala Summer Cup. Lo mjaho iwona ongowokuvula unyaka.

See Also

IMeya yaseNkandla uMbhekiseni Biyela uthe uselinde ukuthi kuse kusasa, akusekho okungavimba ungabibikho lo mjaho.

“Inkundla okuzobanjelwa kuyona lo mjaho siyile kuyona maphakathi nesonto ukuyobheka konke ukuthi kumi ngomumo yini. Esikucelayo ukuthi abantu beze bezothamela lo mdlalo ohlezi uba seqopheleni eliphezulu. Siyakholwa ukuthi uzokhuphula umnotho walapha eNkandla njengoba uzohanjelwa abantu basezindaweni ezehlukahlukene,” kusho uBiyela. 

Khona kusasa kuzophinde kwethule injomane yakhona eNkandla, eyabe icelwe ojokhi bakhona kuyena uBiyela.

Scroll To Top