IBhelekazi lithi lizobe lizikhululekele kuComrades
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umsubathi wasesifundazweni iKwaZulu-Natal uJenet Mbhele uthi akanayo ingcindezi yokwenza kahle kuComrades Marathon yakulo nyaka.
Nyakenye lo msubathi waseNew City, eMzimkhulu wenze kahle kakhulu kulo mjaho njengoba kwaba uyena kuphela owahlabana nendondo yegolide kuComrades Marathon ekubeni ayeqala ukuyigijima.
Nonyaka iComrades Marathon izokuba ngeSonto lona leli lakusasa izosukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
Engxoxweni abenayo nelaboHlanga uJenet uthe kuzofana nokuthi uyaqala ukugijima lo mjaho njengoba nonyaka uzobe wenyuka.
“Akukho engingakwenzanga ngesikhathi ngizilungiselela. Siziqeqeshe isikhathi eside ezindaweni zasemakhaya, ngibe sengibuya ngiza eThekwini ukuzoqedela amalungiselelo ami. Kodwa ngeke ngathi khona engikubhekile ngaphandle kokuthi ngiwuqede nje umjaho. Ingcindezi ayikho ekutheni ngenze kahle ngoba angihlukile nomuntu ozoqala ukuwugijima njengoba uzobe unyuka” kusho uJenet ogijimela iXcel Running Club yaseThekwini.
Ubalule ukuthi ukube ubuwehla njengonyaka odlule ubengamangaza abaningi ngokuthi ewunqobe.
Umlando uveza ukuthi abasubathi besifazane bangabohlanga abakaze bawunqobe lo mjaho kusukela wasungulwa ngowe-1921.
Ngaphandle kukaJenet zikhona ezinye izintokazi zebala elinsundu ezibhekiwe ukuthi zingenza kahle lapho kubalwa uLoveness Madziva noFikile Mbuthuma onayo indondo yegolide kuyona iComrades Marathon.
“Okwenza ngingazifakeli ingcindezi ingoba bakhona abasubathi asebegijime iminyaka uma inyukela iComrades ngalokho bazosebenzisa isipiliyoni sabo. Ngizobona uma ngifika phakathi nendawo ukuthi ngabe umzila uhamba kanjani, uma ngibona kuqhubekeka kahle ngizophusha. Inhloso ukuqeda umjaho, kobe sekuyibhonasi ukuqeda ngibalwa nabali-10 bokuqala abaqede phambili” usho kanje.
Nonyaka lo mjaho uzogijinywa ihlandla lama-97, ibanga eligijinywayo lingama-85.91 km.
Kuza lo mjaho nje iComrades Marathon Association (CMA) isanda kwenyusa imali yalabo abazonqoba kubona bobubili ubulili isuke kwizinkulungwane ezingama-R550 yaya ezinkulungwaneni ezingama-R825.
ICMA inyuse imali emveni kokuba ithole abaxhasi bakwaCell C.