Amaqembu abeke eceleni ipolitiki abhekana nesimazonzo oThongathi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Amaqembu abeke eceleni ipolitiki abhekana nesimazonzo oThongathi
Amaqembu abeke eceleni ipolitiki abhekana nesimazonzo oThongathi
Amaqembu ezepolitiki eKZN abeke eceleni umbango nokungaboni ngasolinye ngemiphumela yokhetho ahlanganyela ekufakeni isandla emphakathini okhahlanyezwe isishingishane KwaZulu-Natal.
Ubuholi be-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal buholwa uMnu uThami Ntuli ogaqedele esokuba uNdunankulu kuso lesi sifundazwe, uhambele indawo uThongathi ukuzokhalisana nemindeni elinyalelwe izindlu kule ndawo.
UMnu uNtuli nabanye abaholi abafikanga belengise izandla, kodwa bafike nokudla, amanzi, izingubo zokulala kanye nezokugqoka.
Okugqamile ukuthi abantu bakulendawo baswele noma iliphi usizo, ngoba cishe bonke bebekhala ngokulamba.
“Sithe asifike lapha oThongathi sizobheka umonakalo. Njengoba siqalile ukuzoletha usizo kule ndawo siyathembisa ukuthi koze kube isimo sibuyela esimeni silokho siletha usizo kubantu. Ibuhlungu lento esiyibonayo lapha, ngalokho sinxusa bonke abantu abangalekelela ukuthi balekelele. Lana akuyi ngokuthi uyiliphi iqembu, silekelela wonke umuntu,” kusho uMnu uNtuli.
UMkhonto WeSizwe (MK) nawo uthelekile oThongathi lapho kade uzokhalisana kanye nemindeni leyo elinyalelwe izindlu, impahla nokunye okuningi.
Amalunga aleli qembu afike nezingubo zokulala, izolo leli qembu elifike kuqala nalapho kade lilethele izakhamizi zakule ndawo ukudla.
NeMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda ubekhona ezobheka isimo.