Iyagoqwa imikhankaso yamaqembu ngempelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki kule mpelasonto bazothola ithuba lokugcina lokukhankasa ngenhloso yokunxenxa amavoti njengoba ukhetho lukazwelonke selusemome.
Ukuvotwa kuzokuba ngoLwesithathu mhla zingama-29 kwephezulu, kodwa ngoMsombuluko nangoLwesibili kuzovotwa lapho kuzobe kuvota laba laba abakhethekile.
Iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) izoba nomcimbi enkundleni yezemidlalo iFNB Stadium, eGoli kusasa ngoMgqibelo.
Isifundazwe iGauteng ngokwezibalo isona esihamba phambili ngabantu ababhalisele ukuvota njengoba kuvela ukuthi bayizi-6 531 473.
I-ANC njengoba ivala ngokukhankasa eGoli nje ingoba ifuna ukushayela isipikili sokugcina lapho kunabantu abaningi khona abazovota futhi nokuyilapho ethola khona ukwesekwa olukhulu.
Amalunga aleliqembu azoqale eshaye imashi kumgwaqo odume kakhulu owaziwa ngeVilakazi Street, eSoweto lapho uMengameli weqembu uMnu uCryil Ramaphosa noMengameli we-ANC Youth League (ANCYL) uMnu uCollen Malatji bazobe behola lemashi ezokuba namuhla ngoLwesihlanu kusukela ngehora le-11.
Khona kusasa iqembu elisanda kusungulwa uMkhonto weSizwe (MK) nawo uzoba neSiyanqoba Rally yona ezokuba sePeople’s Park, ngaphandle kwaseMoses Mabhida Stadium.
Kuyinto engabuzwa ukuthi abalandeli beMK bazobe begcwele iTheku bezolalela abaholi balo, kwazise baningi abangakwazanga ukuya e-Orlando Stadium, eGoli ngeledlule lapho leli qembu beligcwalise khona inkundla.
Iqembu eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) kule mpelasonto izoba nemicimbi emibili owokuqala uzokuba kusasa ePhelandaba Sport Ground, eNewcastle.
NgeSonto lizoba seliba nowokugcina ozoba seMhlathuze Sport Complex ngeSonto lapho kuzobe kukhuluma uMengameli weqembu uMnu uVelenkosi Hlabisa noMnu uThami Ntuli ogaqedele esokuba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal.
INational Freedom Party (NFP) yona izoba neSiyanqoba Rally yayo eDukuduku, ngeSonto ibe seMnambithi.