UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMondli Qhogi osanda kuqokwa njengomqeqeshi weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC, uzibekele ijoka lokusiza leli qembu liqede endaweni engcono kakhulu uma kuphela isizini ezayo.
UHulumumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal uholwa uNdunankulu uMnu uThami Ntuli bahambele eKenville, eThekwini lapho kade beyobheka ukuthi amalunga akule ndawo ahlezi kanjani njengoba emuveni kokuhlaselwa umlilo.
UMengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uqinisekise izindaba zokuthi ligqashukile igoda phakathi kwaleli qembu nalabo akade bengabaxhasi uSpar kanye neGrindrod.
UNhlakanipho "GTI" Kunene usinde ngokulambisa ngesikhathi ecishe ethunjwa ephuma ukuyozilungiselela impi yakhe ebingoMgqibelo.
UNkosingiphile "The Prince" Sibisi waseDundee akabaphoxanga abalandeli akade bephume ngobuningi babo bagcwalisa phama ihholo, njengoba elivikela ngempumelelo ibhande lakhe leSouth Africa Flyweight.
USiyethemba Sithebe uthi ingcindezi ayithole ngesikhathi edlala kuKaizer Chiefs imqinise ukhakhayi, ngalokho ukholelwa ukuthi lokho kuzomkhuthaza ekutheni enze kahle eqenjini elisha azodlala kulona ngesizini ezayo.
Umpetha weSouth Africa Flyweight uNkosingiphile "The Prince" Sibisi waseDundee uzovikela ibhande lakhe ngakubo, empini azotholana kuyona noTheo Nxayiphi waseMdantsane e-Eastern Cape.
UThabiso Tenyane ongusihlalo wePhakwe Gas engabaxhasi abasha beRichards Bay FC, unamaphupho amakhulu naleli qembu lasesifundazweni.
UMcKenzie uthe inkence echithwa ezindlekweni zalabalandeli izofakwa kwezinye izinto ezimqoka.
Kubukeka kuyothi kuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali, bayobe bebaningi abadlali abazobe bejoyine amaqembu amasha kuDStv Premiership.
URhulani Hloae Mokwena kubukeka kothi kuvulwa amaligi uyobe eselitholile iqembu azoliqeqesha.
Ilowo nalowo mdlali kanobhutshuzwayo uma ekhula kuba nomdlali asuke ebukela kuyena, afise ukudlala njengaye, azuze izinto ezisuke zizuzwe ilowo mdlali okanye adlale naye enkundleni.
Iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC kubukeka ifuna ukukugwema okuyivelele ngesizini edlule njengoba ilokhu iqhubeka nokuqinisa isikwati sayo.
Ubengakaze acabange nangelilodwa ilanga ukuthi ukusebenza enkampanini yezokwakha kungatshala uthando lezolimo kuyena uNks u-Aphiwe Mtshali osengusomabhizini ovelele kwezolimo.
Konke sekumi ngomumo ngemidlalo kaSiyabonga "Nsimbi" Sangweni eyaziwa ngokuthi iSiyabonga Sangweni Youth Month Festival.
Umdlali wasemumva weRichards Bay FC uLwandile "Roger" Mabuya ungomunye wabadlali abancane odonse amehlo abantu abaningi ngokwenza kahle kwakhe kuDStv Premiership ngesizini edlule.
Umdlali weRichards Bay FC uSomila "Ballo" Ntsundwana udalula okwenze wakhihla eseNdlovukazi uNandi, ngesikhathi eqeda kushaya igoli.
UJosta Dladla owazakhela igama kunobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika uthipha umdlali we-Orlando Pirates uPatrick "Tito" Masangwayi ukuthi uzoziwola izindodo aqokelwe kuzona.
Nakulo nyaka iyaqhubeka imidlalo yaminyaka yonke ebizwa ngeDerrick Spencer Schools Tournament.
IMaritzburg United ingelinye lamaqembu abheke ukuthenga ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Kuvela ukuthi kuyiwe kuKhabba Cup uSenzo "Mbhobho" Ndlovu abevele emcuthele amaqembu agijima kuDStv Premiership.
USiyabonga "Nsimbi" Sangweni akawuvali umlomo ngekhono labadlali basesifundazweni iKwaZulu-Natal alibone kuKhabba Cup.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos udalula okwenze wangabonakala uPercy Tau emdlalweni obuyizolo wokuhlungela ukuya kuyo iNdebe YoMhlaba, lapho elakuleli belibhekene neZimbabwe.
Ubangwa amaqembu agijima kuDStv Premiership umdlali oqokwe njengovelele emqhudelwaneni iKhabba Cup.