UNobhala Wezwe wase-USA u-Antony Blinken ufike kwa-Israel ngoMsombuluko (izolo) ngaphambi kwezingxoxo mayelana nesivumelwano sokumisa impi eGaza noNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu kanye noNgqongqoshe Wezokuvikela uYoav Gallant.
Amasi abekwe elangeni ngokhetho lokuchibiyela kuMasipala uMzumbe ogwini lwesifundazwe imiphumela yalo engaphoqa uguquko eqenjini eliphethe.
Emuva kwamahora angama-25 kuthungathwa indiza ebithwele iSekela likaMengameli eMalawi nabanye abagibeli, izolo ekuseni igcine itholakele lapho iphahlazeke khona.
Abantu baseMalawi basahlalele ethembeni lokuthi izotholakala indiza eduke emoyeni kukhona kuyo abantu abayisi-9 neSekela likaMengameli lakuleliya lizwe uMnu uSaulos Chilima.
Ubangwa amaqembu agijima kuDStv Premiership umdlali oqokwe njengovelele emqhudelwaneni iKhabba Cup.
Abamangalelwa abangaphezu kwama-50, okuhlanganisa abayisithupha abanobuzwe base-USA, eBritain, eCanada naseBelgium, bavele enkantolo yaseDRC ngoLwesihlanu bebhekene namacala okuba nengxenye ekuketulweni kombuso okubhuntshile namanye amacala anesigwebo sentambo.
I-Israel ihlasele esikoleni saseGaza ngoLwesine nalapho yathi kunesizinda seHamas, kwashona abalwi ababandakanyeka esigamekweni sangoMfumfu ziyisi-7, ngonyaka odlule esasusa impi yezinyanga eziyisishiyagalombili.
ISpain ithe izojoyina icala elibekwe yiNingizimu Afrika lokuqothulwa kohlanga eNkantolo Yamazwe Ngamazwe ephikisana nesenzo sika-Israel eGaza.
Kuqinisiwe makuthiwa asikho isikhathi esingafiki, nale mpelasonto okade kukhulunywa ngaye kuzona zonke izindawo eThekwini isifikile.
Umsubathi wasesifundazweni iKwaZulu-Natal uJenet Mbhele uthi akanayo ingcindezi yokwenza kahle kuComrades Marathon yakulo nyaka.
Insephe Football Club (FC) elinye lamaqembu abhekiwe ukuthi lingakhala lemuke nomqhudelwano waminyaka yonke iKhabba Cup.
Kungokokuqala selokhu izwe lathola inkululeko ukuba iqembu i-ANC lithole amavoti angama-40% okulinika izihlalo ezili-159 kwezingama-400.
Amalungu oMkhonto Wesizwe eThekwini ahlalele ovalweni kulandela ukubulawa kwelungu laleli qembu eMayville izolo ekuseni esigamekweni okusolwa ukuthi sihlangene nombango wezepolitiki.
Umhlangano obubhekwe ngabomvu wesigungu esiphezulu we-ANC uthathe isinqumo sokusungula uhulumeni wobumbano.
Amaqembu ezepolitiki eKZN abeke eceleni umbango nokungaboni ngasolinye ngemiphumela yokhetho ahlanganyela ekufakeni isandla emphakathini okhahlanyezwe isishingishane KwaZulu-Natal.
Imvula kanye nesiphepho esinamandla sigadle kwezwela ezindaweni eziningi ezisesifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ukuhlehla komhlangano Wesigungu Esiphezulu se-ANC iNational Executive Committee (NEC) obekumele ubanjwe izolo ngoLwesibili kuhunyushwe njengezinkomba zokuthi akukho ukuvumelana okugcwele kuleli komiti ngokuthi yiliphi iqembu lezepolitiki okumele libambisane nalo kuzwelonke.
UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko uMnu uZizi Kodwa uthi akanalwazi ngamacala abekwe wona ngaphandle kobufakazi okukhulunywa ngabo okuthiwa bethulwa kuKhomishini Engokugwamandwa Kwamandla Ombuso eyayiholwa uMehluleli uZondo.
UNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana igama leli lingasali kubasubathi uma kubalwa abasubathi abaqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abangenza kahle emjahweni weComrades Marathon.
Bathwale kanzima abaqaphi bakaMnu uJabulani Khumalo obengumholi woMkhonto Wesizwe ngesikhathi abalandeli baleli qembu bethi abamudle luhlaza.
UMengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yase-Eastern Cape ekhahlanyezwe yizikhukhula ezihlasele eNelson Mandela Bay, eBuffalo City, eKariega, nakwezinye izindawo esifundazweni.
Okhethweni oluyingqophamlando, uClaudia Sheinbaum ube ngumoMengameli wesifazane wokuqala waseMexico, uthole ukunqoba okubalulekile ngamalengiso okungumlando.
IRandi laseNingizimu Afrika lehle ngamaphesenti angaphezu kwesigamu uma liqhathaniswa nedola lase-USA phakathi nokukhathazeka okukhulayo ngemiphumela yokhetho lukazwelonke.
ULai Ching-te ungene esikhundleni njengoMengameli omusha waseTaiwan ngoMsombuluko.