Kubulawe omunye weMK eMayville


Amalungu oMkhonto Wesizwe eThekwini ahlalele ovalweni kulandela ukubulawa kwelungu laleli qembu eMayville izolo ekuseni esigamekweni okusolwa ukuthi sihlangene nombango wezepolitiki.
Yize amaphoyisa KwaZulu-Natal ekuphika ukuthi ukubulawa kukaMnu uMxolisi Zungu kuhlobene nezepolitiki abeMK kuWadi 101 bathi akuyena kuphela uZungu obethola ukusongelwa kusuka kwaqala imikhankaso yokhetho, kodwa baningi abathola izinsongo zokuhlaselwa baze babikela namaphoyisa. UZungu ubulawa nje ngasekupheleni konyaka odlule elinye ilungu leMK kule ndawo labulawa ngokuthungelwa ngomlilo lisendlini yalo nomndeni wona owasinda kulesi sehlakalo.
“Asisakwazi nokwenzani sesisaba ngisho nokubonakala sigqoke izikibha zeMK ngoba asazi ukuthi ababulali baqhamukaphi noma sikanye nabo khona emphakathini,” kusho ilungu lomphakathi elikhulume nelaboHlanga. Lithe akuselula ukuchaza okwenzekayo ngoba sekungasuka ngisho umuntu okuzondayo ngezinto ezingahlangene nepolitiki akuthengele abantu ubulawe ngaphandle kwesizathu. Kwenzeka lesigameko nje ngelanga lokhetho ngesonto eledlule kwabulawa amalungu amabili eMK eGoli adutshulwa ephuma esikhungweni sokuvota. Kuze kube yimanje akekho osaboshiwe ngalesigameko.
USolwazi uMusa Xulu ongusomlando KwaZulu-Natal uthe kukhulu ukukhathazeka ezinhlakeni zobuholi beMK ngokuzibona njengesisulu sokuningi okuqhubeka ezweni njengokubulawa kwamalungu nokunindwa ngezinto eziningi. Uthe kufana nemiyalezo esatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi leli qembu lizovala imigwaqo eThekwini ngoba linganelisekile ngemiphumela yokhetho izinto ezingekho abahlanganiswa nazo. Ngesikhathi sokuloba lapha amaphoyisa abesaphenya ngokubulawa kukaZungu oshiye usana.