Now Reading
IMexico noMengameli wokuqala wesifazane
Dark Light

IMexico noMengameli wokuqala wesifazane

Okhethweni oluyingqophamlando, uClaudia Sheinbaum ube ngumoMengameli wesifazane wokuqala waseMexico, uthole ukunqoba okubalulekile ngamalengiso okungumlando.

Imiphumela yokuqala evela kuzo iziphathimandla ezisemthethweni zokhetho eMexico ikhombisa lowo owayeyimeya yaseMexico City, 61, ewina phakathi kwama-58% nama-60% amavoti okhethweni lwangeSonto. Lokhu kumenza abe ngamaphesenti angaba ngama-30 ngaphambi kwembangi yakhe enkulu, usomabhizinisi uNks uXóchitl Gálvez.

USheinbaum, owayengusosayensi phambilini uhlelwe ukuthi athathe isikhundla sikameluleki wakhe, uMengameli ophumayo uMnu u-Andrés Manuel López Obrador, mhla lulunye kuMfumfu.

Enkulumweni yakhe yokunqoba, uSheinbaum ugcizelele ukubaluleka komlando kokuwina kwakhe. “Ngokokuqala ngqa eminyakeni engama-200 yeRiphabhulikhi [yaseMexico], ngizoba uMengameli wesifazane wokuqala waseMexico,” ekhuluma nabaseki bakhe .

USheinbaum uphinde wedlulisa ukubonga imbangi yakhe, uGálvez, evume ngomusa ukuhlulwa.

Ngaphambi kokungenela kwakhe isikhundla sokuba nguMengameli, uSheinbaum usebenze njengemeya yaseMexico City, okuyisikhundla esibalulekile sezepolitiki esivame ukubonakala njengesitebhisi sokungena esikhundleni sikaMengameli. Uneziqu zobudokotela kwezobunjiniyela bamandla futhi ube nomsebenzi ovelele njengososayensi, okuhlanganisa nocwaningo olunzulu ngokuguquguquka kwesimokade sezulu kanye nokusetshenziswa kwamandla. 

See Also

Uhambo lwakhe lwezombangazwe lwaqala ngezishoshovu zabafundi, ekugcineni kwamholela ekubeni nguNobhala Wezemvelo eMexico City ngesikhathi sokuphatha kukaLópez Obrador. Ngowezi-2018, waba yimeya yokuqala yesifazane yaseMexico City, isikhundla asibambe waze wehla ngowezi-2023 ukuze angenele ukhetho lukamengameli.

Lolu khetho, olube nabesifazane ababili abahamba phambili, lusho uguquko olukhulu kwabesifazane kwezombusazwe zaseMexico.

Yize bekugujwa ubuholi besifazane kodwa lo mkhankaso ubugcwele udlame. Bangaphezu wamka-20 abantu abebevotelwa ababulewe ngaphambi kokuvota, ngokusho kwemibiko kaHulumeni, yize ezinye izinhlolovo ziphakamisa ukuthi isibalo singafinyelela kwabangama-37.

Scroll To Top