Ngeke esabonakala ku-Africa Cup of Nations (Afcon) umdlali weMamelodi Sundowns uThapelo Maseko othinteke kabuhlungu emsipheni ngesikhathi iBafana Bafana ithela othulini iCape Verde kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ngempelasonto.
Kuphelile ngephupho leNingizimu Afrika lokuqubula iNdebe YoMhlaba ngaphansi kwabaneminyaka engaphansi kweshumi nesishiyagalolunye. Elakuleli yilona ebelisingethe lo mqhudelwano. Kweyamaqoqo beliboshelwe eqoqweni elilodwa ne-England, iWest Indies neScotland.
UWilliams ovimbela iMamelodi Sundowns ugile izimanga ngempelasonto ebamba amaphenathi amane ngesikhathi iBafana ihlula iCape Verde ngo 2-1 emdlalweni we-quarterfinal ye-Afcon eStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro.
Elakuleli lidlala ngaphandle kwezihlabani zabadlali okubalwa kubona uKagiso Rabada, uLungisani Ngidi, uTemba Bavuma, u-Aiden Markram, uNandre Burger noKeshav Maharaj bonke abayingxenye yeBetway SA20 League.
Umbuso wezinyanga ezintathu wokwehla kukaphethroli uyaphela kubashayeli nabanikazi bezimoto njengoba uzonyuka kakhulu kuzona zonke izinhlobo. AbeCentral Energy Fund bathi abanikazi bezimoto kumele balindele ukungena kakhulu ephaketheni kulokhu ngoba kuzoba ukwenyuka okukhulu esikhathini eside.
Isigameko sokuhlaselwa kowesilisa nomndeni wakhe okuthungelwe ngomlilo umuzi wabo belele kwaPata eMgungundlovu sesigxekwe kakhulu. Kulesi sigameko kudlule emhlabeni uNks uPhumzile Malinga nendodana yakhe eneminyaka emithathu.
Inkantolo ephakeme ye-United Nations ngoLwesihlanu inqume ukuthi izolalela icala lapho iKyiv (inhlokodolobha yase-Ukraine) eyicele khona ukuthi imemezele ukuthi ayizange ibulale abantu empumalanga ye-Ukraine.
Amasosha ase-Ethiopia abulale abantu abangaphezu kwama-50 ngesonto eludlule edolobheni elisesifundeni i-Amhara ngesikhathi kuseshwa indlu ngendlu kulandela ukulwa namasosha endawo, kusho izakhamuzi ezintathu ezitshela abeReuters.
Isemkhankasweni wokuheha abaxhasi iXcel Running Club yaseThekwini efike kwezwakala kwezokusubatha eNingizimu Afrika ukuze iqhubeke nokudlondlobala. Lokhu kudalulwe ngomunye wezikhulu eziphezulu zaleli qembu uMandla Mngomezulu ngesikhathi exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile.
UNdunankulu wase-Italy u-Giorgia Meloni wethule uhlelo lokusebenzisana ngoMsombuluko, okuhloswe ngalo ukuqinisa ukubambisana ne-Afrika, ukunqanda ukufuduka kwabantu abavela kwamanye amazwe.
I-Ivory Coast izibeke ethubeni lokujoyina uhla lwamazwe azakhele igama edla ubhedu ku-Africa Cup of Nations (Afcon) engosokhaya. I-Elephants ingene esigabeni somkhumulajezi ngomcicimezelo. Ingene namazwe aqede endaweni yesithathu.
U-Imran Khan, owayengundunankulu wasePakistan, ugwetshwe iminyaka eyi-10 ejele izolo. Lesi sinqumo sithathwa kabanzi njengengxenye yomkhankaso wamasosha wokumbeka eceleni yena neqembu lakhe.
Abheke ukuqeda amabhadi amaqembu ayisishiyagalombili azibekisele indawo kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon). Kusasa ngo-7 ebusuku, iNigeria izodudulana ne-Angola ku-quarterfinal yokuqala eStade Félix Houphouët-Boigny kwelase-Ivory Coast.
Inhlanganisela yezinkampani iRGS ebandakanya i-Ingonyama Holdings, isithathe isinqumo sokuhlanganyela nenkampani ecela inkantolo ukuba imise futhi ichithe ukuphumelela kwesicelo seVision Consortium sokuthenga iTongaat-Hulett.
Unozinti ophinde abe ukaputeni weBafana Bafana usethubeni lokuzifaka emabhukwini omlando URonwen Williams emidlalweni emine ye-Africa Cup of Nations (Afcon), ungenelwe amagoli amabili nakhona emdlalweni owodwa.