UBlinken kwa-Israel uzoxoxa noNetanyahu ngesivumelwano sokumisa impi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNobhala Wezwe wase-USA u-Antony Blinken ufike kwa-Israel ngoMsombuluko (izolo) ngaphambi kwezingxoxo mayelana nesivumelwano sokumisa impi eGaza noNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu kanye noNgqongqoshe Wezokuvikela uYoav Gallant.
UBlinken phambilini uhlangane noMengameli waseGibhithe u-Adel Fattah al-Sisi eCairo futhi ubelokhu enxusa abaholi bakulesi sifunda ukuthi bacindezele iHamas ukuthi ivume isiphakamiso esashiwo nguMengameli wase-USA uJoe Biden ngoNhlaba zingama-31.
UBlinken uthe iHamas iyona kuphela ephumele obala ngokungasamukeli isiphakamiso sesivumelwano sezigaba ezintathu esibandakanya ukukhululwa kwabathumbi kanye nezingxoxo ezizoqeda ukulwa, nathe u-Israel usivumile.
Isikhulu esiphezulu seHamas sitshele abeReuters ukuthi ukuphawula kukaBlinken mayelana nokumiswa kwempi eGaza “kuchemile no-Israyeli”. Ukuvakasha kulesi sifunda kungokwesishiyagalombili kukaBlinken selokhu iHamas yahlasela kwa-Israel nyakenye, nokwaqala le mpi ekhona njengamanje.