Now Reading
Ukhetho lokuchibiyela eMzumbe luzocacisa ngoMasipala
Dark Light

Ukhetho lokuchibiyela eMzumbe luzocacisa ngoMasipala

Amasi abekwe elangeni ngokhetho lokuchibiyela kuMasipala uMzumbe ogwini lwesifundazwe imiphumela yalo engaphoqa uguquko eqenjini eliphethe. 

Ukhetho luzobanjwa ngoLwesithathu oluzayo zili-19 kwephezulu. Ukubanjwa kwalolu khetho kulandela ukusula isigubhukane kwamakhansela ayisi-7 e-ANC kulo masipala ayesolwa ngokuvota kanye ne-IFP okwaholela ekuketulweni kweMeya ye-ANC. UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnu uBheki Mtolo wathi bawakhombe indlela wonke lawo makhansela abahamba ngemuva. Wonke lawo makhansela ajoyina UMkhonto Wesizwe. 

Ukhetho luzobanjwa ezigcemeni ezehlukene kusuka kuWadi 1, 3, 2, 11,19 kuya kuWard 9. IMK ifolosa ngoThulo Mkhungo, uSihle Hadebe, uSbonelo Maphumulo, uThuthukani Jeza, u-Ayanda Duma. Olunye ukhetho luzobanjwa kuWadi 11 kuMasipala Umzimkhulu nakuWadi1 kwaNongoma.

See Also

UMaphumulo owayenguSomlomo eMzumbe ekhuluma nelaboHlanga wathi akakungabazi ukuthi bazobuya eboholini bomphakathi ngethikithi lenye inhlangano.

Scroll To Top