Now Reading
UMengameli omusha waseTaiwan uChing-te unxusa iChina ukuthi iyeke izinsongo
Dark Light

UMengameli omusha waseTaiwan uChing-te unxusa iChina ukuthi iyeke izinsongo

ULai Ching-te ungene esikhundleni njengoMengameli omusha waseTaiwan ngoMsombuluko. Ufungiswe eHhovisi likaMengameli elinomlando eTaipei, walandela uTsai Ing-wen ngemuva kokusebenza njengesekela lakhe likamengameli iminyaka emine. UChing-te uthe enkulumweni yakhe yokuvula  wathi ukuthula kuphela okudingekayo, nokuthi iBeijing kufanele ihloniphe ukukhetha kwabantu baseTaiwan.

 “Ikusasa leTaiwan linendima ebalulekile ekusaseni lomhlaba, futhi njengabantu abathatha inqubekelaphambili yentando yeningi yaseTaiwan, uHulumeni omusha uzoqondisa ukuthula futhi alondoloze isimo esikhona, angabi ngogabadelayo futhi angabi nokuzikhukhumeza. Ngifuna futhi ukunxusa iChina ukuthi iyeke ukusongela iTaiwan ngokwezombangazwe nakwezempi, izibophezele emhlabeni wonke ngokugcina ukuthula nokuzinza, futhi iqinisekise ukuthi umhlaba awunalo uvalo lwempi,” kusho uChinge-te.

Kulo mcimbi bekukhona ababeyizikhulu zase-USA, abashayamthetho abavela emazweni ahlukene, nabaholi bamazwe ali-12 agcina ubudlelwano bobuzwe neTaiwan. UChinge-te uthe abantu kumele babhekane namaqiniso ngosongo olulethwa yiChina, futhi isiqhingi kumele sikhombise ukuzimisela kwaso ukuzivikela.

 “Sinomqondo omuhle wokuzuza ukuthula, kodwa akumele sicabange izinganekwane. Inqobo nje uma iChina ingayeki ukusebenzisa amandla ukuze ihlasele iTaiwan, izakhamuzi kufanele zikuqonde lokhu: Ngisho noma singazamukela zonke izimangalo zaseChina futhi silahle ubuzwe bethu, isifiso seChina sokuthatha iTaiwan ngeke sishabalala,” kwengeza uChing-te.

See Also

IChina ayizange iphendule ngokushesha, naphezu kokuthi phambilini yabiza uLai ngokuthi ‘iphekula’. Selokhu anqoba ukhetho ngoMasingana, iTaiwan ibhekane nengcindezi eqhubekayo evela eChina.

IBeijing ibona iTaiwan njengengxenye yendawo yayo, futhi ayizange ikhiphe isinqumo sokungawasebenzisa amandla ukuyibeka ngaphansi kokulawula kwayo. UNobhala Wezwe Wase-USA u-Antony Blinken uhalalisele uLai, ethi i-United States ibheke ngabomvu ukusebenzisana naye ‘ukulondoloza ukuthula nokuzinza ngaphesheya kweTaiwan Strait.’

Scroll To Top