Now Reading
UMkhonto Wesizwe ushiywe ngaphandle ezingxoxweni zikahulumeni wobumbano 
Dark Light

UMkhonto Wesizwe ushiywe ngaphandle ezingxoxweni zikahulumeni wobumbano 

Umhlangano obubhekwe ngabomvu wesigungu esiphezulu we-ANC uthathe isinqumo sokusungula uhulumeni wobumbano.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba uMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa uthe sebekhulumile namaqembu ahlukene ezepolitiki okuyi Economic Freedom Fighters, iDemocratic Alliance, i-IFP, iPatriotic Alliance neNational Freedom Party.

Uthe izivumelwano nalamaqembu zizonekwa ezithebeni komphakathi. Ukugcizelele ukuthi bavulelekile ukusebenzisana namanye amaqembu inqobo nje uma kuzobanjiswana. Uthe isigungu se-ANC siqoke ithimba elikhethekile elizokwengamela umsebenzi wokuxoxisana namaqembu ahlukene. Uthe uhulumeni wobumbano uzobhekana ngqo nezinselelo ezibhekene wezwe njengokudalwa kwamathuba imisebenzi, ukukhulisa umnotho, ukulwa nenkohlakalo nezinga eliphezulu lokwenyuka kwezinto.

“Umphumela wokhetho ukucacisile ukuthi abantu badinga uhulumeni ohlangene. Akuyona amaqembu ezepolitiki kuphela adinga ukuhlangana kuxoxiswane wonke umuntu uyadingeka,” kusho uRamaphosa.

See Also

Uthe ukuthola amavoti angama 40% kwe-ANC kucacisa ngokusobala ukuthi asikho isisombululo esingabakhona ezweni ngaphandle kwe-ANC.

Scroll To Top