UMHLABA UWUHLABA INHLALI: Kuduke indiza noSekela Mengameli waseMalawi
Abantu baseMalawi basahlalele ethembeni lokuthi izotholakala indiza eduke emoyeni kukhona kuyo abantu abayisi-9 neSekela likaMengameli lakuleliya lizwe uMnu uSaulos Chilima.
Ibhanoyi linyamalale liqeda ukusuka esikhumulweni sezindiza lilibangise eMzimba lapho abagibeli bebelibhekise emngcwabeni wommeli owaziwayo uMnu uSambana. Omunye obesebhanoyini uNkk uShaela Muluzi ongunkosikazi wowabe enguMengameli waseMalawi uBakili Muluzi, abasebenzi ehhovisi likaMengameli nabombutho wezokuvikela abebephelezela uSekela Mengameli.
Izolo ekuseni uMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera usecele usizo lwamazwe omhlaba ekulekeleleni ekuthungathweni kwendiza okuhlanganisa i-USA, i-United Kingdom ne-Israel. Yize indiza iduke ngesonto lezi zindaba zize zaqala ukusabalala ngoMsombuluko ekuseni emuva kombiko wabalawula ukuhamba kwezindiza emoyeni eMalawi.
Amaqembu ezepolitiki eMalawi izolo athe lolu daba luthathelwa phansi ngoba luthinta izwe elise-Afrika ukube bekuwuSekela Mengameli emazweni aphesheya ngabe sekukhona okwenziwe.