Udedelwe ngebheyili, wasula esikhundleni uKodwa


UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko uMnu uZizi Kodwa uthi akanalwazi ngamacala abekwe wona ngaphandle kobufakazi okukhulunywa ngabo okuthiwa bethulwa kuKhomishini Engokugwamandwa Kwamandla Ombuso eyayiholwa uMehluleli uZondo.
Uveze ukuthi uyazi ukuthi icala lakhe lisatshalaliswe ndawo zonke ngisho nakulabo abangazi lutho ngaye abasho nezinto kwayena angazazi. UKodwa uboshwe izolo ekuseni ngamacala enkohlakalo wavela eNkantolo yeMantshi ePalm Ridge.
Ekhuluma ngommeli wakhe uZola Majavu uthe uzobambisana nophenyo neNkantolo ngesikhathi kusaqhubeka icala. UKodwa uboshwe kanye noMnu uJehan Mackain owabe eyisikhulu esiphezulu senkampani i-EOH Holdings. Uthe akakaze azibone engaphezu koMthetho, futhi angeke alibalekela icala. Uveze ukuthi uzimisele nangokushiya i-passport yakhe ngesikhathi kusaqhubeka icala. Uthe angakwazi ukukhokha ibheyili yezi-R25 000 ayiphethe esandleni.
IMantshi imbuze ukuthi uyayiqonda yini incwadi efungelwe efundwe ngummeli wakhe.
UMshushisi angakuqinisekisa ukuthi umsolwa kungokokuqala eboshwa futhi alikho elinye icala alihambayo. Uthe uphenyo kuleli cala seluphothuliwe ngakho akukho ukusaba ukuthi kukhona lapho kungathikamezeka khona ofakazi.
UMshushisi uthe ukubeka eNkantolo ukuba kube yiyo uma ibona isidingo ebeka imibandela nge-passport nokuhamba komsolwa uma ezophumela emazweni angaphandle. Uthe uphakamisa ukuthi ibheyili kube ngama-R30 000, kungukulandela ubulungiswa ukuthi umsolwa adedelwe ngebheyili.
Ummeli uthe imininingwane yonke yomsolwa njengekheli batholile ukuthi iqondile kodwa waphakamisa ukuthi umsolwa usengakwazi ukuhambela amazwe angaphandle inqobo nje uma ezokwazisa abaphenyi ngohlelo lwakhe kusenesikhathi. Ummeli wakhe uthe ufisa ukukugcizelela ukuthi uKodwa akekho ngaphezu komthetho. Uthe ulwazi olumayelana necala lakhe bese lusabalaliswe kwabezindaba nokuboshwa kwakhe kwanekwa ezithebeni. “Noma engusopolitiki kodwa usenawo amalungelo akhe” kusho ummeli.
Ikhipha isinqumo ngebheyili iMantshi ithe abasolwa bazothola ibheyili efanaya yama-R30 000, ibe isicaphuna uMthetho namanye amacala angaphambilini njengelikaMathebula lapho abasolwa banikwa khona ibheyili. Ithe ibheyili iyilungelo lomsolwa elikuMthethosisekelo; ithe umuntu ungumsolwa kuze kube utholwa enecala.
Emumva kokuvela enkantolo, uKodwa ufake incwadi yokwesula njengoNgqongqoshe.