Now Reading
Ababili beTwo For Joy bangazithola begijima kuDStv Premiership ngesizini ezayo
Dark Light

Ababili beTwo For Joy bangazithola begijima kuDStv Premiership ngesizini ezayo

Ubangwa amaqembu agijima kuDStv Premiership umdlali oqokwe njengovelele emqhudelwaneni iKhabba Cup.

Lowo mdlali nguSibani Khumalo (21) odlala emumva kwesokunxele,  ubedlalela iTwo For Joy. IKhabba Cup idlalwa izinsuku ezimbili. 

Amaqembu asembangweni alo mdlali iLamontville Golden Arrows neRichards Bay FC.

ElaboHlanga lokhu likuthole emva komdlalo wamanqamu, ngesikhathi lo mdlali wonke umuntu ubefuna ukukhuluma naye.

UKhumalo phambilini useke wajima ne-Arrows cishe isikhathi esingangenyanga kodwa yagcina ngokungamusayinisi. 

Kubukeka iwuguqulile umqondo i-Arrows njengoba ibisifuna ukumnikeza inkontileka ngokushesha, njengoba ubeshaya ibhola elinenkosi phakathi izihlwele beziqhumisa amakhelwa bese eshoshela phambili noma eyomaka. 

IRichards Bay FC nayo emfunayo lo mdlali ithe akulindwe kuphele imidlalo yamaPlay Off, bese iyamusayina uma kwenzeka iqhubeka nokudlala kuDStv Premiership ngesizini ezayo. 

Ngesikhathi abantu besalangazelele ukukhuluma naye uKhumalo, ube esethathwa omunye nokusolakala ukuthi ubemuyisa kwesinye sezikhulu zeqembu elikhona kuDStv Premiership. 

UKhumalo uthole izinkulungwane ezimbili njengoba eqokwe njengomdlali ovelele, iqembu abedlala kulo ilo elibe ngompetha beKhabba Cup lagoduka nezinkulungwane ezili-R120. 

See Also

Phambilini uke wajima neRoyal AM okwabanga ukuthi engasayini kuyona ingoba leli qembu alivumelekile ukusayina abadlali. Naku-AmaZulu FC ujimile nawo wagcina ebuyela eqenjini abedlala kulo uMkhumbane Classic odlala ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Nesekela mqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ubonakalile ethatha inombolo yakhe uKhumalo kubonakala ukuthi naye uthathekile ngekhono alibonile. 

KuKhabba Cup yokuqala eyabe ingowezi-2022 kwake kwaba khona umbango kaYanela Mbuthuma owagcina esayiniswa iRichards Bay FC. 

Ngaphandle kukaKhumalo umdlali okubukeka kungenzeka adlale kuDStv Premiership ngesizini ezayo uSenzo “Mbhobho” Ndlovu okunguye oshaye amagoli amaningi kulo mqhudelwano naye ubedlala kuTwo For Joy. 

Scroll To Top