Now Reading
U-Israyeli uhlasele isikole esiyinxuluma leHamas
Dark Light

U-Israyeli uhlasele isikole esiyinxuluma leHamas

I-Israel ihlasele esikoleni saseGaza ngoLwesine nalapho yathi kunesizinda seHamas, kwashona abalwi ababandakanyeka esigamekweni sangoMfumfu ziyisi-7, ngonyaka odlule esasusa impi yezinyanga eziyisishiyagalombili, kodwa abezindaba baseGaza bathi lokhu kuhlasela kubulale abantu abangama-27 ababefuna indawo yokukhosela.

U-Ismail Al-Thawabta, uMqondisi weHhovisi Lezindaba LikaHulumeni eliphethwe yiHamas, uzichithile izinsolo zika-Israyeli zokuthi isikole se-UN eNuseirat, enkabeni yeGaza, sasiyinkompolo [inxuluma] yeHamas.

“U-Israyeli usebenzisa ukuqamba amanga emphakathini ngezindaba ezingamanga ukuze uqinisekise ubugebengu obunesihluku obuwenze kubantu abaningi abasala dengwane,” kusho uThwabta etshela abeReuters.

Amasosha akwa-Israel athi ngaphambi kokuhlasela ngezindiza zempi zakwa-Israel, amasosha athatha izinyathelo zokunciphisa ubungozi bokulimala kwabantu. U-Israel uthe ngeke kuphele ukulwa ngesikhathi sezingxoxo zokumiswa kwezikhali.

See Also

Esehlakalweni esisobala esiphakamisweni sokuthula esiphakanyiswe ngeledlule nguMengameli wase-USA uJoe Biden, umholi weHamas ngoLwesithathu uthe leli qembu lizofuna iqedwe unomphela impi yaseGaza kanye nokuhoxiswa kwe-Israel njengengxenye yohlelo lokuqeda ukulwa.

Scroll To Top