Now Reading
Abase-USA nabaseBritain amacaleni okuzama ukuketula umbuso eCongo
Dark Light

Abase-USA nabaseBritain amacaleni okuzama ukuketula umbuso eCongo

Abamangalelwa abangaphezu kwama-50, okuhlanganisa abayisithupha abanobuzwe base-USA, eBritain, eCanada naseBelgium, bavele enkantolo yaseDemocratic Republic of Congo ngoLwesihlanu bebhekene namacala okuba nengxenye ekuketulweni kombuso okubhuntshile namanye amacala anesigwebo sentambo.

Amadoda abehlomile ahlala isikhashana eHhovisi LikaMengameli enhlokodolobha iKinshasa ngoNhlaba zili-19 ngaphambi kokuthi umholi wabo, usopolitiki ozinze e-USA uChristian Malanga, abulawe ngamasosha.

Abamangalelwa bahlanganisa indodana kaMalanga eneminyaka engama-22, uMarcel Malanga, ezinye izakhamizi ezimbili zase-USA kanye nabanye abathathu abanamapasi angaphandle. Bonke abamangalelwa banezimpande zaseCongo.

Usuku lokuqala lwecala lezempi lwenzeka ngaphansi kwetende egcekeni lejele lezempi laseNdolo emaphethelweni eKinshasa.

See Also

Bonke abamangalelwa abangama-53 babhekene namacala ahlanganisa ukutholakala nezikhali ezingekho emthethweni, ukwakha itulo lobugebengu, ubuphekula kanye nemizamo yokudicilela phansi izikhungo zombuso nokubukela phansi isithunzi sombuso, amanye awo ababeka engcupheni yokugwetshwa intambo noma ukugwetshwa isikhathi eside ejele.

Abamangalelwa bahlonzwe enkantolo, bafundelwa amacala kodwa abazange babuzwe ukuthi bayawavuma noma cha.

Scroll To Top