UMabuyane uzwakale encamela ukubambisana neDA


Ukuhlehla komhlangano Wesigungu Esiphezulu se-ANC iNational Executive Committee (NEC) obekumele ubanjwe izolo ngoLwesibili kuhunyushwe njengezinkomba zokuthi akukho ukuvumelana okugcwele kuleli komiti ngokuthi yiliphi iqembu lezepolitiki okumele libambisane nalo kuzwelonke. Obekuseqhulwini ezintweni ebezizodingidwa kulo mhlangano indlela i-ANC eyenze ngayo kulolu khetho, okuphoqa ukuthi idinge usizo lwelinye iqembu okanye amaqembu ukuze ikwazi ukubusa kuzwelonke. Igama leDemocratic Alliance liseqhulwini emaqenjini okubhekwe ukuba abambisane noKhongolose.
Umholi weDA uMnu uJohn Steenhuizen ube ngowokuqala ukuphakamisa isandla ekutheni abananxa nokusebenzisana ne-ANC ngoba bafuna ukuvimba ukubambisana kwe-ANC, i-Economic Freedom Fighters noMkhonto Wesizwe. Ekunikeleni kwakhe iDA ku-ANC uSteenhuizen ubonakale njengohlamuka umbimbi lweMoonshot Pact obelunenhloso yokwehlisa ukwesekwa kwe-ANC likhankasa nangokuthi angeke lasebenzisana ne-ANC kuwona wonke amazinga kuHulumeni ngenxa yenkohlakalo. Ukuphawula kwabanye abaholi be-ANC abasesigungwini esiphezulu izolo kuzwakale njengokushayelela isipikili esivumelwaneni sokusebenzisa neDA.
UNdunankulu wase-Eastern Cape uMnu u-Oscar Mabuyane uthe uyakholelwa ukuthi kungekudala iNingizimu Afrika izoba nohulumeni wokubusa ngokubambisana. “Noma yisiphi isivumelwano esiphoqa i-ANC ukuba igudluze uMengameli uCyril Ramaphosa esikhundleni angeke sizihlanganise naso, kodwa sizobeka phambili abantu esicishe sikhulume nabo ulimi olulodwa,” kusho uMabuyane. Umbandela omile weDA ukuthi angeke yakwamukela ukusebenzisana ne-ANC uma izoqhubeka nokugcina uMnu uPaul Mashatile njengeSekela likaMengameli wezwe ngenxa yezinsolo zenkohlakalo ezimlandelayo. Umhlangano weNEC uhlehliselwe uLwesine nalapho kungase kuqhume nhlamvana njengoba iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ewumbimbi ne-ANC ithi samille ekutheni lingawa licoshwe izinkukhu, ngeke bavume ukubambisana neDA.
Udosi lweCosatu kulo umbimbi
Sekujwayelekile ukuthi umbimbi lwe-ANC oluhlanganisa iCosatu, iSACP neSANCO lugqame lapho sekusondela ukhetho okanye kugujwa izinsuku ezithile emlandweni wezwe njengoSuku Lwezisebenzi, uSuku Lwentsha. Sekukaningi iCosatu iveza ukungeneliseki lwayo ngendlela iqembu elibusayo elithatha kade ngayo ekulweni nenkohlakalo. KuMgubho Wosuku Lwezisebenzi uMengameli weCosatu uZingisa Losi wathi uHulumeni kumele ugawule ubheke, uma kungenziwa lutho ngenkohlakalo abantu bayophendula kanzima. Muva nje umthelela weCosatu kumbimbi uya ngokwehlelwa umdlandla nezwi elizwakalayo. Ngesikhathi somkhankaso wokhetho iCosatu ayibonakalanga kakhulu ivukuza abantu ekuvoteleni i-ANC ngaphandle kokushumayela lo myalezo kumarally. Akubuzwa ukuthi iNEC izoya emhlanganweni wangoLwesine inhlakanhlaka okwamasimba omthini ngoba kukhulu ukungaboni ngasolinye ngeDA.
Okhulumela iCosatu ezindabeni zasePhalamende uMnu uMathew Parks uthe bayayibongela i-ANC ngokunqoba kuyishwa nje ukuthi kudingeka ibambisane namanye amaqembu. “Isikhongeli seDA siphambene kakhulu nezifiso zabantu bakuleli ikakhulukazi imithetho yezisebenzi ehambisa phambili ukuthi abantu behlale njalo bengabasebenzi, kungekho lapho bengaba khona ngabaqashi. Uthe okunye okubakhalisayo ukuthi ngesikhathi iDA ikhankasa ikusho kahle ukuthi izoqeda ngeholo elisemthethweni elilingene ukuze kwande isibalo sabantu abaningi abaqashayo ngoba indaba yeholo elilinganayo kuzwelonke igqugquzelwa yizinyunyana ezingabenzeli lutho abasebenzi. Uthe kuze kube yimanje i-ANC isabalalela kulokho abakushoyo ngoba njengeCosatu bamenyiwe emhlanganweni ozoqhubeka weNEC lapho bezoqhubka nokuzwakalisa uvo lwabo.
Kuwona wonke lo mbango abantu abazothinteka kakhulu ngabavotele lamaqembu. Okunye ukukhuluma kubantu kuthi i-ANC izithola ikulesi simo nje iCosatu ibe naso isandla ngokuhluleka ukumela izisebenzi esikhundleni salokho yaziveza njengosopolitiki. Muva nje iqhaza leCosatu ombimbini lwe-ANC belungasenalo udosi emuva kokusungulwa kwezinyunyana ezingekho ngaphansi